... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Emikhuba Emihle

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 1:22-25 Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa. Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi engesiye olenzayo, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni; ngokuba uyazibuka, amuke, akhohlwe masinyane ukuthi wayengonjani. Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.

Listen to the radio broadcast of

Amandla Emikhuba Emihle


Download audio file

Omunye umfutho onamandla ezimpilweni zethu ;okungaba ngumfutho lo esiwusebenzisela okuhle noma okubi –ngumkhuba okukabili kukanye siyawuhlakulela [ngokuhle] kumbe siwe kuwo  [ngokubi] .Ngiyazibuza ukuthi ekaze imikhuba yakho yokuphila ingenempilo kanjani ?

Njengomuntu owake wakugegela ukuzivocavoca umzimba ,ngangiye ngizwe ongoti bethi , “Uyakudinga ukuwuvocavoca umzimba ngesikhathi uqhubeka nobudala ,” kodwa uthole ukuthi asenzi lutho .Kimi kwafika isikhathi ukuthi uma ngingakusophi ukuwunyakazisa umzimba ngizoba nenkinga imisispha yami izoqala iqine namathambo abe nongqoqwane wobudala … okungeke kungiyise kahle ebudaleni bami ,ngingashesha ukukhathala ukuguga kungakabi mandla emzimbeni .

Ngakho kusukela nganquma kanjalo ,njalo ekuseni ngiba nokwenza utho oluzothi ukujulukisa umzimba wami ,ngiphinde nginyakazise nezinga lokushaya kwenhliziyo libe ngelihle .Emva kwalokho ngiye ngizwe kushaya umoya kamnandi egazini .Kodwa akubanga ngukulalela ongoti okwangenza ngayilokhu engiyokho ngokokuzivocavoca .Kwaba ngukwakha imikhuba yokuphila emihle .Angisho ukuthi futhi ndlelanye …. 

EkaJakobe  1:22-25Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.

Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi engesiye olenzayo, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe

bemvelo esibukweni;  ngokuba uyazibuka, amuke, akhohlwe masinyane ukuthi wayengonjani. Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe,

kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.

Ngakho …..musukuvese uhlale nje lapho kodwa nyakaza .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.