... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ugweme Lomkhuba Omubi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KuMaHebheru 10:23-25 Masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo; masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.

Listen to the radio broadcast of

Ugweme Lomkhuba Omubi


Download audio file

Uma mina nawe sibeka isibindi sethu kithina ,ezintweni esikwazi ukuba namandla kuzo ,ngokuphazima kweso singagcina sesisehabeni lokuzethemba .Kodwa uma ubeka isibindi sakho kuNkulunkulu ,yebo asikusho ukuthi akusoze kwanesikali esesidlulele ukuba nesibindi kuYe . 

Njengokuba sibonile izolo singabambisisa isivumo sethemba lethu kuNkulunkulu,ngoba …wethembekile ,uhlala ethembekile zikhathi zonke .Akasoze akulahle ,akasoze akukhohlwa  .Zindaba ezimnandi lezo ,ikakhulukazi uma ukholo lwakho ludonsa kanzima . 

Kodwa ukukwenza lokho ngokwakho ,uNkulunkulu eseceleni ,kungenza ukuthi ngisho nakulabo imbala abaqinile nabakhuthele kakhulu phakathi kwethu ,kwenze kube ngumzabalazo .Ngakho …

KuMaHebheru  10:24,25 …  masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle,  singakuyeki

ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.

Ukholo lwethu ,isibindi sethu kuNkulunkulu kunjengomsipha wamandla .Lomsipha odinga ukunyakaziswa ukuze ube ngoqinile nonamandla .Yingakho ukuhlala useduze kwabazalwane ,ukuthandana singabazalwane ,sikhonzana ngezinkonzo ezehlukene ,sihlanganyela ndawonye kungumkhuba onamandla kakhulu ukuwugcina .

Futhi ukuhluleka  ukukwenza lokho ,ngokwakho kungaba ngumkhuba omubi ukwedlula konke okunye okungakwehlisa .KuKhrestu siyabambana silekelelane ,sikhonzane sikhuthazane ndawonye .Yiyona ndlela le ozigcina ngayo uqinile okholweni lwakho .Lokho kubizwa ngokuthi ‘ibandla’ –nakuba ziziningi izindlela zokugcina nindawonye ningumzimba kaKhrestu . 

Kodwa noma ngabe ukhethe ukuzigcina ndlelani usebandleni  … singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.