... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izibhalo …Noma Cha

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Jeremiya 17:5,6 Usho kanje uJehova uthi : “uqalekisiwe umuntu othemba kubantu ,ayenze inyama ibe yingalo yakhe ,nonhliziyo yakhe isuka kuJehova .Uyakuba njengesihlahla esiyize ehlane ,angaboni ukuthi kuyeza okuhle ,uyakuhlala ezindaweni ezishileyo ehlane ,ezweni likasawoti elingahlalwa muntu”

Listen to the radio broadcast of

Izibhalo …Noma Cha


Download audio file

Ngokokubuka izinto ngokolwelwesi phezulu ,kuningi  okubukeka kungqubuzana nezibhalo nemicabango  ethambile elula . Futhi okuthi lokho uma sekwenzeka siye sisale nomcabango othi pho silandele kuphi . 

Ngumzabalazo lo sonke esibhekana nawo .Kuningi okubukeka kungqubuzana eZwini eliphefumulelwe nguNkulunkulu kunye nemicabango yesimanje kanjalo nendlela yokuziphatha ,manje mina nawe siphila kulowomdonsiswana usuku nosuku okumele sinqume ukuthi silandela kuphi . 

Into yokuqala okumele uyiqaphele ukuthi alukho olusha kulokho .Imvama siye senze sengathi lokhu kwenzeke esizukulwaneni sethu ,kuyaqala ngamanye amazwi.Kodwa isizathu sokuthi abantu bakaNkulunkulu babekhashelwa kusuka endulo ,yingoba uthando lukaNkulunkulu ,iqiniso laKhe kuhlala kumi kumelene nobubi obukhona kulomhlaba .Okungalesosizathu bambethela uJesu .Yingalesosizathu amaKhrestu ayencokofulwa  ehlushwa  ebulawa selokhu kwathi nhlo. 

Futhi mumva le ezikhathini zeThestamente Elidala ,nxa u- Israel ekhetha ukukunhlanhlatha ,nakhu uNkulunkulu aye akusho kuwo .Kulalelisise lokhu:

Jeremiya 17:5,6 Usho kanje uJehova uthi : “uqalekisiwe umuntu othemba kubantu ,ayenze inyama ibe yingalo yakhe ,nonhliziyo yakhe isuka kuJehova .Uyakuba njengesihlahla esiyize ehlane ,angaboni ukuthi kuyeza okuhle ,uyakuhlala ezindaweni ezishileyo ehlane  ,ezweni likasawoti elingahlalwa muntu”

Kulula ukuba sephutheni ,njengokuba u-Israel wenza ngalesikhathi sokubhalwa kwalenkulumo ,lokhu kwenzeka ngoba bethanda okubukeka kuyinhlakanipho yasemhlabeni phezu kweZwi likaNkulunkulu .Kodwa njengokuba umvangeli waseBhrithani u- Charles Spurgeon ekubeka kanje : UMoya oNgcwele uhamba egibele amahhashi ezibhalo akekho ezinqoleni zemicabango yesimanje .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.