... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Amakhulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 5:16 Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.

Listen to the radio broadcast of

Amandla Amakhulu


Download audio file

Kuliqiniso elingephikwe ukuthi noma ungazizwa ungoqine kangakanani ,zikhona izikhathi ezikufikelayo uzizwe ukuthi untekenteke ,ushayekile  –uzizwe ungenamandla ngokwezinto esibhekana nazo empilweni ezisuke zidinga ukuba sibhekane nazo khona zinjalo .

Nginesiqiniseko nawe sewuke waba  kulesosimo  lakhona ungazi ukuthi ubhekane kanjani nenselelo ephambi kwakho kumbe isimo esikuqhumisa ikhanda,kungaba yinto ekhona ebonakala ngamehlo kumbe into eyinguzunga enhliziyweni ekudla ngaphakathi nasemicabangweni yakho .

Futhi ngiyazi ukuthi uma ungohlelekile uzongivumela ukuthi  uyaye uthandaze uthandaze [kodwa lutho akwenzeki lutho ],intaba ilokhu ikubhekile .Manje pho wenze njani kulesosimo? Yebo ngicela ukuphendula umbuzo ngomunye umbuzo .Uma ukhuleka ukhuleka kanjani ? Ngiqonde ukuthi uma uziletha esiHlalweni somusa ,yikuphi okukholelwayo ngesikhathi uphambi kwaso? 

EkaJakobe 5:16 Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.

Lelivesi liyaqhamuka sisaxoxa ,elingokukhulekela ukusindiswa emzimbeni ogulayo .Kodwa zimbili izinto engithanda uziqaphele la ezibaluliwe eyokuqala yile yokuvuma izono zakho –uma kuyisono esimayelana nokona omunye umuntu ,ubhekane naleso sono ngokobudlelwane ubuyisane nalo omonile ukuze kubuye ubudlelwane obuhle oboniwa yisono sakho .Ngani? Ngoba isono sinomkhuba omubi wokuvimba izimpendulo zemikhuleko yethu ezivela kuNkulunkulu .

Ebese okwesibili ,yilokhu kokuthi uma siza kuNkulunkulu sihlanzekile sithethelelwe ,simsula ‘singabalungisiwe’ngenxa yokholo lwethu kuJesu ,imithandazo yethu isiyoba njani kuJesu ? Izoba namandla ,ibe nemiphumela ephathekayo .

Uyakukholwa lokho ? Yebo umelwe ukukukholwa ngoba kuliqiniso .

Uyabona uNkulunkulu akayikuyiphendula imikhuleko ngesikhathi esiyilindele ngayo ,nangendlela esiyilindele ngayo ,kodwa uma uphila impilo egcwele umkhuleko ,uzophila impilo egcwele amandla .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.