... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Impilo Endaweni Yakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 2:8,9 Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku. Ingelosi yeNkosi yema phambi kwabo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; besaba ngokwesaba okukhulu.

Listen to the radio broadcast of

Impilo Endaweni Yakho


Download audio file

Emhlabeni wonke jikelele ,emadolobheni ,emalokishini ,emijondolo emakhaya impilo  iyaqhubeka .Kungenzeka kube nento eyodwa eyenzekayo ephawuleka ngokukhethekile endaweni eyodwa kodwa kwezinye izindawo impilo iyaziqhubekela nje . 

Sengibe sezindaweni eziningi  iminyaka ngeminyaka . Ukusuka e- Visakhapatnam in India ukuya e-Kigoma e- Tanzania, ukusuka e-Vienna ukuya e-Vancouver, ukusuka lapha uya laphaya ….ngicabanga uyangithola . Futhi njalo uma ngiqeda kufika ngithi  cababa kuleyondawo ngihambe emigwaqeni yakhona ,kuyangimangaza ukuthi impilo iyaziqhubekela kuleyondawo .Emhlabeni jikelele abantu baziphilela impilo yabo ngezindlela eziningi ezahlukene ,ngokwamasikompilo ehlukahlukene ,izingubo ezehlukene ,ukwembatha ,ukubuka nokuba nephunga lokudla elehlukene  nemisindo yokuhlabelela eyehlukene .

Uthola impilo eqhubeka kulendawo ihluke ngamalengiso empilweni eqhubeka kwenye indawo  nomhlaba .Impilo langikhona iqhubeka ngokungazi sanhlobo ukuthi kwenzekani ngempilo la ukhona .Kwakunjalo kulamadoda  :

NgokukaLukha  2:8Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle, belinda umhlambi

wabo ebusuku. 

Babeziphilela impilo ndlelanye ababeyiphila zikhathi zonke  …

NgokukaLukha  2:9 Ingelosi yeNkosi yema phambi kwabo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; besaba ngokwesaba okukhulu.

Umntwana wabe esengenile kulomhlaba kuleyondawana encanyana enganakekile eBhethlehema ;esitebeleni esincane sezinkomo ngoba kwabe kungatholakali kamero endlini yezihambi .Kodwa kwavese bhuu nakhu ukuzalwa kukaJesu okwakungento enkulu futhi negama elabe lijwayelwe ukuqanjwa izingane kulezonsuku elithi Jesu ,lokhu kuzalwa kwakhe kwaphazamisa impilo  ejwayelekile yabelusi ngokwezinga eliphezulu elikhethekile  .

Futhi lokho kuphazamisa kukaJesu efika emhlabeni ,yikho kanye ngakho uNkulunkulu owasisindisa ngakho ezimpilweni zethu ,lokhu kuphazamisa kwakhe selokhu kwaqala ngalelolanga akukaze kume ukujikeleza umhlaba . 

#Bamba lokhu .Vumela uJesu aphazamise impilo yakho !

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.