... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Futhi Ngakho Impilo Iyaqhubeka

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 2:40 Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.

Listen to the radio broadcast of

Futhi Ngakho Impilo Iyaqhubeka


Download audio file

Manje maduze lomgqumo kaKhisimusi uzodlula nalezinsuku zidlule ngokwe khalenda .Manje kuzobe sekwenzekani emva kwalokho ? 

Izimpilo zabaningi okubandakanya neyami zizobe sezibuyela empilweni ejwayelekile  ”. Kwabaningi impela sekuwukubuyela ekujulukeni siyosebenza izinsuku ezingu 5 bese sithola inkeshezana yezinsuku ezibili esontweni zokuqoqa amandla nakhona kunezasekhaya ,sesiyophinda sithi gozololo kulenzunsuku ezimakwe ekhalendeni zabizwa ngokuthi amaholidi .

Kungenzeka kube sengathi kungokudlulele kwabaningi kodwa uma sibuka ngokomuga wesikalo esijwayelekile kwiningi impilo iholoba kanjalo unyaka wonke .Futhi kwabe kunjalo ngqo kuloJesu omncane esiqeda kugubha ukuzalwa kwaKhe . 

Yebo yena nabazali bakhe bake baba nesikhathi sokubalekela eGibhithe ukuze baphephe olakeni lwenkosi uHerodi .

Kodwa emva kwalokho impilo yabuyela kokujwayelekile eNazaretha .Manje cishe asizwa lutho ngokuningi ngokweminyaka ekhula .Kahle hle ngelinye lamavesi elichaza kancane ngesikhathi sokukhula kwakhe empilweni leli :

NgokukaLukha 2:40Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu

wawuphezu kwakhe.

Nokho lendima enganakekile emfushane igcwele amandla . Nangu esemsebenzini kayise  efunda umsebenzi we-carpentry ? Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha

UNkulunkulu Yena uphi kulokhu ? Wayembusisa nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.

Sonke sinaso isikhathi esibukeka singesibhorayo ,lakhona sisekufihlakaleni singabonakali kubantu ,sisekufundeni i-trade yokuphila …kodwa ngisho nalapho kanye ,uNkulunkulu unohlelo ngawe njengokuba wenza ncimishi ngeNdodana yaKhe.

Ukuku developer ,akukhulise akugcwalise ngenhlakanipho  … akubusise ,uNkulunkulu unohlelo ! 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.