... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Hlokoma Ngomsindo Wentokozo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 100:1,2 Hlokoma kuJehova ngezwi lokuhalalisa,mhlaba wonke .Mkhonzeni uJehova ngokujabula ,nisondele ebusweni baKhe ngokuhuba kwentokozo .

Listen to the radio broadcast of

Hlokoma Ngomsindo Wentokozo


Download audio file

Uyayazi into esengike ngayiqaphela ? Kulula ukwenza umsindo wentokozo omkhulu ngeSonto udumisa kodwa kunokukhonza uNkulunkulu ngenhliziyo enhle ngoMsombuluko empilweni yangempela . Kulula ukucula lawomaculo kunokuhamba kuleyomgwaqo yempilo.

Uma umthanda uNkulunkulu ,umkholwa uJesu ,nakanjani kunento engakholakali eyisibusiso ekuhlanganeni nabantwana bakaNkulunkulu.Yebo impela kuyinto ekhethekile .

Ngicabanga ukuthi ngu  AW Tozer owabhala wathi ukukhonza ngendumiso kuyisenzo sokungazicabangi wena  ngesikhathi usenza .Ngesikhathi sihlanganyela ngokukhonza ngamaculo  amahle njengalawa  -Umukhulu Simakade ,Wethembekile Jesu ,Akekho ongalinganiswa nawe  -ngesikhathi sisadumisa ubukhulu bukaNkulunkulu wethu ,kuphakimasela kuYe imithwalo yethu ,kwelaphe  imiphefumulo yethu .

Sesikushilo konke lokho ,kulula kithi ukuhlukanisa umuzwa wokukhonza ngendumiso –ukutusa ubukhulu bukaNkulunkulu –sikuhlukanise neziga zokuphila ngokobunjalo bazo usuku  nosuku  ezimpilweni zethu.Mhlawumbe yingakho indlela yokukhonza ngokudumisa eyenziwa yasamqondofana nama concert kulezinsuku kwayiyo evelele.Ngoba ikushiya usemzweni yenhliziyo ephakeme efudumele ,uvukwe wusinga nje.

Inkinga imizwa yinto eyehla yenyuke . Kuthi uma sewubhekene nobunjalo bobuqiniso bempilo ngoMsombuluko alube lusasiza lolasinga lwendumiso yangeSonto ibisa-concert ishukumbiza ama emotion kuphela . Futhi yebo nebala kwabe  kungahloswanga ukuba kube yinto yohlobo olukanjalo  

Amahubo  100:1,2 Hlokoma kuJehova ngezwi lokuhalalisa,mhlaba wonke .Mkhonzeni uJehova ngokujabula ,nisondele ebusweni baKhe ngokuhuba kwentokozo .

Ukhiye wokukhonza uNkulunkulu ngendumiso 24/7 ngukumkhonza  ngentokozo.Yebo ngamandla onke yenza ukuhlokoma komsindo okukhulu ngeSonto .Kunjalo impela ! Kodwa ngoMsombuluko mkhonze ngentokozo .Bhekana nobunjalo bempilo ugcwele inhliziyo enokwenama ,ugcwele ukwazi ukuthi  unawe igxathi negxathi olithathayo . 

Ngoba  … yilokho kanye okufaka iculo enhliziyweni yakho .

Mkhonzeni uJehova ngokujabula. 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..