... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Imizwa Noma Izinkambiso Eziqotho ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 11:3 Ukuphelela kwabaqotho kuyabahahola ,kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha .

Listen to the radio broadcast of

Imizwa Noma Izinkambiso Eziqotho ?


Download audio file

Imizwa yethu yenhliziyo iyingxenye enkulu –enkulu ngokokuthi singobani ingempela . Ngeke ukwazi ukuyigwema ,iyinto ekhona .Kodwa ezikhathini eziningi inamathuba amaningi okusiholela ophathe . 

Iziwe zakulomhlaba ziwela  ezinhleni zohlobo olubili ;lezo ezimthetho wezwe lazo uncike kowobuJuda nobu-Khrestu  besekuba yilezo ongayi kwakuya sanhlobo kubo .Futhi kuloluhlobo lokuqala ,kuphinde kulo kubo nezinhlanyana  ezimbili ngaphansi kwalo ;lezo ezinamathele kakhulu kulezonkambiso  ezimsuka wazo ukulenkolo  [aziseningi ezinjalo ezisekhona ] bese kuba nalezo ezinganamathele kakhulu kuwo . 

Ngesikhathi siqhela kakhulu ezindleleni zikaNkulunkulu –uNkulunkulu ophilayo , lowo osithanda kakhulu owathumela uJesu ukusifela esipjhamabanweni ukusisindisa – ngesikhathi sibaleka  kulezinkambiso zobuqotho zigudlukela kwezimi ngemizwa . 

Njengokuba ngishilo ngathi imizwa ,yebo imizwa yenhliziyo ikhona futhi akumelwe izitshwe .Kodwa uma imizwa seyigibela phezu kwezinkambiso zobuqotho kukhomba sesinyathela emhlabathini oyingozi  -njengesizwe nanjengomuntu ngamunye .

Izaga  11:3 Ukuphelela kwabaqotho kuyabahahola ,kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha .

Ubuqotho ,ukuba ngoqondile ,ukuhlonipheka ,ububele ,ukwazisa ubungcwele bempilo yoluntu lezinkambiso zihamba ibanga elide phezu kwemizwa nje eheleza phezulu .Zisigcina sisemgqeni ,ngisho nala khona imizwa yethu ilwa nathi okwekati negundane –kufuna ukusiholela endleleni yembubhiso . 

Qaphela lokhu imizwa iyafika idlange idlondlobale ngamandla kodwa yisifuthefuthe esibuye sidambe siphole okweqanda kade libila emanzini . Kwesinye isikhathi imizwa yenhliziyo isebenza umsebenzi omuhle kithi ,kodwa imvamisa isiholela ehlathini ngesikhathi ukugwegwa kwenhliziyo yomuntu sekumphethe ,njengokuba kwenzeka imizwa yokungaziphathi kahle ikhukhula kwasani esizweni sakithi ,icoboshisa wena ngane wena mntomdala ,ifuna ukushiya kungekho lutho eshashalazini . Sonke sikubonile lokho kwenzeka ,angithi?

Ungazilahli izinkambiso ezinobuqotho uNkulunkulu azifaka kuwe ngoba nje nakhu uqhutshwa ngumuzwa othi zilahle . Ukuphelela kobuqotho makukuhole .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.