... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izinkathi Zonyaka Zempilo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Umshumayeli 3:1,2 Konke kunesikhathi sakho ,yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.Kukhona isikhathi sokuzalwa nesikhathi sokufa,isikhathi sokutshala ,nesikhathi sokusiphula okutshaliweyo.

Listen to the radio broadcast of

Izinkathi Zonyaka Zempilo


Download audio file

Noma siyathanda  noma asithandi,noma thina besingahlela sifise ngalendlela nangaleyandlela ,noma bekungathiwa sixolela isimo sezulu esifudumele noma esipholile ,esomile noma esiswakeme ….kodwa izinkathi zonyaka asisoze sakwazi ukuzivimba ukwenzeka ngendlela yoMdali.

Intwasahlobo,ihlobo,intwasabusika ,wubusika … Intwasahlobo,ihlobo,intwasabusika ,wubusika.Akukho esingakwenza ukuguqula lokulandelana .Phela angithi  kuliqiniso ukuthi ngisho inyama yasehlobo neyasebusika ayifani,futhi kuba mnandi kabi ukuzitika ngezilovelo kusebusika inhliziyo ingenasicanucanu sokushisa ,yebo nakuba kusengahlukana ngokokwakheka kwethu ngabanye . 

Kwesinye isikhathi sizithola sikwinkathi yonyaka empilweni esingathandi ukuba kuyona ,isimo esithile esinzima ,intaba uqobo lwayo esikhundleni sethafa .Bese umuzwa wethu wemvelo kuba ngukufuna ukulwa nalenkathi yonyaka esibhekene nayo ,wena ongafunga ukuthi sinamandla okuguqula ubusika sisheshe silethe ihlobo adlule lamakhaza .Kodwa iqiniso limile lithi:

Umshumayeli 3:1,2 Konke kunesikhathi sakho ,yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.Kukhona isikhathi sokuzalwa  nesikhathi sokufa,isikhathi sokutshala ,nesikhathi sokusiphula okutshaliweyo.… njalo njalo

Yebo nebala,uma kukhona into oyiphihlizile empilweni ,hlala amagqozo ekuyilungiseni ibuyele esimweni .Uma kungukuthi wenza izinqumo ezingezinhle ,yenza ongakwenza ukubuyisela isimo kwesifanele .Phela mina angiqonde ukuthi simelwe ukuvele sisonge izandla  sibe : ‘ngothula ngibuke’ .Kodwa kusikhathi sinye ukuqonda ukuthi uNkulunkulu usiholela kwizinkathi ezithile empilweni ngenhloso ethile .Kuyenzeka thina sesijahe ukuphuma siyohlwanyela sitshale okusha ,kanti cha sisamiswe ngenhloso ngoba Yena esasemsebenzini wokusiphula avune okudala kuqala kuphele nya .

Izinkathi ziyizinhlelo zesu likaNkulunkulu . Intwasahlobo,ihlobo,intwasabusika ,wubusika.Akukho esingakwenza ukuguqula lokulandelana .Ekukwazini ukubamba loluhlelo lukaNkulunkulu ngengqondo ,yilapho kanye siyobe sesikwazi ukuthokozela izinkathi esisuke sikuzo ngalesosikhathi . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge