... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukholo Phezu Kwemizwa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 28:1,2 Ngikhala kuwe Jehova ,Dwala lami ,ungabi yisithulu kimi ,funa ukuthi uma uthula kimi ngifane nabashona emgodini .Yizwa izwi lokunxusa kwami nxa ngikhala kuwe ,ngiphakamisela izandla zami endaweni engcwelengcwele .

Listen to the radio broadcast of

Ukholo Phezu Kwemizwa


Download audio file

Nini nanini lapho uNkulunkulu esicela ukumenzela okuthile kunento ngaphakathi kithi esifuna sihleli sinethezekile la sikhona singayi kulokho. Kunomuzwa onqala ngaphakathi wokwesaba imimango esingayazi okungase kusibize ukuyiqwala masivuma . 

Uma ukholwa kuJesu ngeqiniso kodwa ungakaze ubhekane nalomuzwa wokuzindelela unqabe kulokho akubizela kukho ,hhayi kobe kuchaza ukuthi kukhona okungalungile kuwe .Ngoba akahambi ecinga amakholwa antofontofo kodwa abafundi abakulungele ukuthatha iziphambano zabo bafunde kuye lapho ebaholela khona noma kukuphi,babe semsebenzini wakhe wokophula nokusindisa abalimele  yizinkathazo zalokhu kuphila .

Ukuhlala esihlalweni sobukhosi ,   uDavide  kuye ,kwakugcwele ukwesaba okuningi kudedelana kwangaba yilokho kodwa ngisho nokuhlaselwa okuningi asinda kukho  …futhi mangase kuthiwe wehluleka wenqaba ukulandela ubizo lukaNkulunkulu ,kwakuyokwenzekani .Impendulo isekutheni ulibo lukaJesu lwaluyothini  eminyakeni ezayo .

Kwesinye salezozikhathi ezinzima uDavide wakhala kuNkulunkulu wathi :

Amahubo  28:1,2 Ngikhala kuwe Jehova ,Dwala lami ,ungabi yisithulu  kimi ,funa ukuthi uma uthula kimi ngifane nabashona emgodini .Yizwa izwi lokunxusa kwami nxa ngikhala kuwe ,ngiphakamisela izandla zami endaweni engcwelengcwele .

U-Bruce Wilkinson, encwadini yakhe  “The Prayer of Jabez[umthandazo kaJabesi” ubhala athi : “Imvama  uyokwehlelwa ngukwesaba uma sewusondela ekuthwaleni umklamo wezwe elisha , kodwa futhi uzozwa inkuthazo nomdlandla omkhulu ngesikhathi uNkulunkulu ekuthwala kulomsebenzi .”

Kuyinkuthuza enkulu kakhulu esiyithola kuYe.Ngakho ungakuvumeli ukwesaba kukumise .Landela uJesu naphi la akuholela khona ,ngoba noma ngabe kugcina kusabisa kangakanani .Uyokuzwa mawumbiza .Akukhombise umusa . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.