... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izinto Ezinamndla Mazihlangene

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Daniyeli 6:19-21 Inkosi yavuka ekuseni kakhulu ,yashesha yaya emphandwini wezingonyama ,kwathi isisondele emphandwini kuDaniyeli,yamemeza ngezwi elikhalayo,inkosi yakhuluma yathi kuDaniyeli, “Daniyeli wena nceku kaNkulunkulu ophilayo,uNkulunkulu wakho omkhonza njalo angakukhulula kuzo izingonyama na?” uDaniyeli wathi enkosini : “Mana njalo nkosi”

Listen to the radio broadcast of

Izinto Ezinamndla Mazihlangene


Download audio file

Njengokuba sibonile izolo,ukuthi uma mina nawe senza izinto ngomoya ocokeme ,kunomkhuba wokuvusa uhlevane lomona kubakhekhelezi abangezwani nokwenza izinto izinto ngeqophelo eliphezulu.Manje ubhekana kanjani nalesosimo? Ithini impendulo la?

Into eyenza ukuthi uDaniyeli agcine efakwe emphandwini wezingonyama ,eminyakeni emininginingi eseyadlula ,kwabe kungumona kozakwabo ngenxa yokunyuswa kwakhe esikhundleni phezu kwabo,phela loluhlobo lwepromotion lwenziwa ngukuthi lendoda engu Daniyeli yabe ithembekile ,iqotho isebenza ngokuzikhandla .UDaniyeli wayenomoya ophakeme /ocokeme ekwenzeni izinto –excellence.

Ngakho ozakwabo  benza itulo ngobuqili ,eladida inkosi uDariyu futhi othi mawulibuka labe lingukumyisa kwagoqanyawo qede kuphele kanjalo ngaye .Waphonswa emphandwini wezingonyama ,wambozwa ngetshe elikhulu ,kwacaca kuphelile ngaye ajabula amaqili.Kodwa …

Daniyeli  6:19-21 Inkosi yavuka ekuseni kakhulu ,yashesha yaya emphandwini wezingonyama ,kwathi isisondele emphandwini kuDaniyeli,yamemeza ngezwi elikhalayo,inkosi yakhuluma yathi kuDaniyeli, “Daniyeli wena nceku kaNkulunkulu  ophilayo,uNkulunkulu wakho omkhonza njalo angakukhulula kuzo izingonyama na?”  uDaniyeli wathi enkosini : “Mana njalo nkosi.UNkulunkulu uthumile ingelosi yakhe ,wavimba imilomo yezingonyama azingilimazanga ,ngokuba kwafunyanwa kimi ukungabi nacala phambi kwakhe,naphambi ,kwakho nkosi ,angenzanga okubi”

Kulula ukuphelelwa ngamandla uma usebenza kanzima ,wenza yonke into ngokusezingeni eliphezulu,futhi ngenxa yalokho abanye abantu bakuhambela ngemumva .Kodwa manje yikhona kanye lokho okwenzekayo .Manje pho ithini impendulo la?

Okwakho qhubeka ushaye into icokeme kukho okwenzayo ,abanye vese ubashiyele kuNkulunkulu! Qhubeka ube excellent ubeke ukholo lwakho kuNkulunkulu onamandla okukuvuza nokukusindisa.

..Wavimba imilomo yezingonyama azingilimazanga ,ngokuba kwafunyanwa kimi ukungabi nacala phambi kwakhe [uNkulunkulu]

I-excellence nokholo. Yizinto ezibili okuthi mazihlangene zinamandla .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..