... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Leyonto Nje Eyodwa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 16:11 Uyakungazisa indlela yokuphila ;ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho,intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.

Listen to the radio broadcast of

Leyonto Nje Eyodwa


Download audio file

Angazi noma uke uzithola uphethwe yilomkhuba womkhuhlane wokucabanga ‘ngokulandelayo/okuzokwenzeka’ njalo.Mangike ngokulandelayo ngathenga ukuthi,ngenza ukuthi ,lesosigaba nje esilandelayo sengikuso mhh ….ngiyovese ngibe ngojabule.Abantu abaningi baphila impilo yabo yonke bekulomzabalazo wokubuka u-next empilweni yabo ,kodwa bavese begcine benganelisekanga ,bengakutholi ukupheleliseka ebebezitshela bazokuthola  ,abebekubhekile.

Uyazi angazi kungani kwangithatha isikhathi eside ukubona lokhu ,ngoba phela angiyena umuntu ovalekile engqondweni ,lutho cha angiyena.Kodwa konke lokhu kwangithatha iminyaka eko 30 yonke ukukubona lokhu .

Nsuku zonke ngangivuka ,ngiyokwenza into efanayo,phuma ,qede ube ngobuphumelelayo ….futhi konke kwakuhamba kahle.Mangiphume ngiyokwenza imali…futhi nebala ngakwazi ukuyenza.Hamba ke manje uyothenga imoto nomuzi omuhle ube ne skill sakho .Konke lokho ngakwenza ngide ngigida kukho .Kodwa ekuqhubekeni ngikwenza kusikhathi sinye futhi lakhona ngangingatholi kuneliseka kukho.

Ngachitha cishe ingxenye yempilo yami yonke ngilangezelela lento eyodwa ezonganelisa ,ingigcwalise ngaphakathi.Leyonto eyodwa nje eyayizokwenza ngiyeke ukugida ndawonye kodwa ifike ingene ithi khaxa, qede ngiziwe ngingoneliseke kamnandi enhliziyweni.Intokozo .Ukuthula.Leyonto nje eyodwa…

Amahubo  16:11  Uyakungazisa indlela yokuphila ;ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho,intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.

Ngesikhathi siqhubeka sigwinya konke lomhlaba osinika khona ,kusikhathisinye futhi sizizwa si-empty ngaphakathi.Kodwa uma siqhubeka sisondela kuNkulunkulu ,lo kanye owathumela iNdodana yaKhe uJesu ,ukuzosifela ,kusikhathisinye sithola lokhu kanye esikade silokhu sikucinga .

Ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho,intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.

Leyonto eyodwa ..Yiyo kanye !

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge