Malube Yiqiniso Ukholo Lwakho
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
2 KuThimothewu 1:5 Ngikhunjuzwe ukukholwa okungenakuzenzisa okukuwe, okwahlala kuqala kunyokokhulu uLowisi nakunyoko uYunisi, yebo, ngiyethemba, nakuwena.
Ukukholwa yinto engaphandle kwethu ,kubukeka kuyinto yemvelo yoluntu .Sonke ngamunye ezigabeni ngazinye ,sonke sihlala sibheka lento esingakholelwa yiyo ,sibe no’kholo’ kuyo .
Futhi ngesikhathi sisacinga lento ‘eyodwa’ kunombuzo okumele siwuphendule .Okokuqala ‘ngakube sengiyitholile into okuyiyona yona’? Okweswibili ,ngakube ngiyakholwa kuyo ngeqiniso ngempela ?
Abanye babeka ukholo lwabo ezimalini zabo ,futhi okuba lula uma uvele ungumuntu ongumacaphuna kusale uhlale amehlo akho uwabeke emandleni ephakethe lakho . Abanye bawabeka ezikhwepheni zabo ,izinto abakwazi ukuzenza .Abanye ezintweni zomhlaba ,ngesikhathi beba nempumelelo kwabakwenzayo.Bese kuba nalabo okuthe bangafunda ngokubhekana nezimo ezisindayo empilweni babona ukuthi konke akubasebenzelanga akubanikanga abebekufuna ,qede base bebeka ukholo lwabo kuJesu .
Manje kubona umbuzo wokuqala uphenduleka kalula .KuKhrestu sesithole lento ‘eyodwa’ okuyiyona yona .Kodwa bese sithini ngalombuzo wesibili –ngakube ngiyakholwa ngempela kuyo ? Nangu uPhawuli ebhalela insizwa ayeyisayikhulisa eyiqinisa ukhakhayi :
2 KuThimothewu 1:5 Ngikhunjuzwe ukukholwa okungenakuzenzisa okukuwe, okwahlala kuqala kunyokokhulu
uLowisi nakunyoko uYunisi, yebo, ngiyethemba, nakuwena.
Ukukholwa kweqiniso . Hmm. Lokho kuyinto ebukeka kanjani ? Lukholo olungaguquki mhla izinto zihamba kahle kakhulu futhi aluthelwa phansi zivunguvungu ngamhla libhejile libomvu empilweni nakhona lolukholo luyama .
Wuhlobo lokholo olungazamazami olulokhu luthe njo kuJesu ngisho kungathiwa kuqhamukani .Malube yiqiniso ukholo lwakho kuYe .