... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Nginguvuka Nokuphila

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 11:25,26 UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?”

Kulula ukukholwa ngukuphila okuphakade  ,uma usemncane ,usahlalelwe  yiminyaka eminingi emhlabeni ukuyiphila .Kulungile ke lokho .Kodwa  uyokholwa ngokuqine kangakanani kulokho ngamhla sekucaca amathunzi aseyewukela ,sekuseduze phambili ? 

Kunobaba okwabe  kungu John igama lakhe .Waphila impilo yokuzinikela okumangalisayo   ngokokholo olungazamazami kuJesu .Wayenonkosikazi osekucabangeni ngezinto zikaNkulunkulu  namadodana amabili nawo ayelandela ezinyaweni zakhe  ngokuzinikela emsebenzini weNkosi . 

Ngake ngamvakashela kuyintambama lusuku lumbe  ,egumbini lasebethikamezeke ingqondo .Wayelele laphaya ekhoneni lekamero ayekulona  ngaphezu kokuba  ngangikhuluma nginyusa iphimbo kuye  ngilokhu nginyakazisa kancane  amahlombe akhe ,kodwa angikwazanga ukumvusa.Ngakho ngashiya u-chocolate embhedeni wakhe qede ngashiya i–note elincane ,kwi blackboard elincane elaliseduze kwakhe . 

Kodwa ngesikhathi ngimbuka ,nganginokungabaza ukuthi ekaze uyowudla yini kwawona lo chocolate engimshiyela  wona  .Futhi ngangikuqaphele ukuthi sengathi ,sekuseduze phambili ,ngokokubukeka kwakhe ,nokwabe kunjalo nembala .Ngokomzimba wase nje esehleli egobolondweni owayekade ehleli kulo esenguye kodwa sekuzibonakalela ukuthi asikho isigxobo  esiguga namaxolo aso .Futhi yazi ngesikhathi lomhlobo wami omdala ngimbheka  ngimgqolozela kwaba sengathi ngibona iphakade lisondela ,kodwa ngaqonda ukuthi nakuba iguga indlu ahleli kuyo kodwa ngaphakathi kuyo kulele iqhawe lokholo elinamandla engonyama .Ngangazi kahle kulesosikhathi ukuthi sekumcacele ukuthi usebheke empilweni yengunaphakade ngokungabazi ,useqonde ngqo ebukhoneni boMsindisi . 

NgokukaJohane  11:25,26  UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka

nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila.  Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?”

Kubukeka ngokokuthu uMartha wakholwa .Kanjalo nomhlobo wami omdala uJohn wakholwa .Umbuzo uthi ,wena uyakholwa na? 

Sihlobo kuKhrestu sinethemba eliqinile lalokhu kuphila nokuphila okuzayo .okwami nawe ukukholwa nguYe phaqa.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..