... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Phupha Amaphupho Amakhulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KuThimothewu 6:10 Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.

Listen to the radio broadcast of

Phupha Amaphupho Amakhulu


Download audio file

Kungakananini ukuphupha onakho ngekusasa,ukuthi lizobukeka linjani,nokuthi yikuphi uNkulunkulu azobe ekukho ? Kumbe ngakube umatasa kakhulu ngezinto zenamhlanje kuphela ,awunasikhathi sokuphupha emini [ngekusasa]?

Ngake ngafunda incwadi eyayibhalwe yi- social researcher evelele eyayenza ama -workshop ayemumethe abantu abaningi abasemazingeni ajwayelekile njengami nawe ngenhloso yokuthola ukuthi abantu bacabangani ,ngokuthi umphakathi ubhekephi.

Manje ngokumangazayo wathola ukuthi ,kunegebe lakhona eminyakeni edlule ,sifikelwe wukuma ukuphupha ngekusasa.Kuvese kwasimela ukuba nethemba ngekusasa.Kungani ? Yebo nebala impendulo yakhe yasho kanje:

Ngoba siphila emphakathini oqukethe izinto eziningi asisekho isikhathi sokuzindla ngekusasa.Sigcwele ukufuna ukuzinelisa namhlanje ,ngangokuthi asisekho esokuphupha ngekusasa  ukuthi lizobanjani.

Manje kaze besizothini ukuthi mhlawumbe kwavese uNkulunkulu wasidalela ukuphupha ngekusasa? 

Singathini kanti ukuphupha ngekusasa kuyingxenye yengaphakathi lethu ukubuka kude?  Mhlawumbe besothini kanti ekuphupheni ikusasa nasekulicabangeni ,mhlawumbe yiyona ndlela leyo uNkulunkulu asisondeza ngezinhliziyo zethu kumacebo aKhe amakhulu ? Besothini ingempela….?

2 KwabaseKhorinte 9:8 Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame, ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke, nivame imisebenzi yonke emihle,

Besothini  uma kungukuthi ngokuphupha ikusasa ,kusenza sibambe isibusiso sikaNkulunkulu esichichimayo esinokusenza ,sibusise lomhlaba  nge ‘misebenzi yonke emihle’ ? Besothini kanti uNkulunkulu unaloluhlelo olumangazayo  akudalela lona,lokusebenza ngawe ,ukuze ngawe abusise abanye abantu ngokuchichimayo?

Uma siphupha ngekusasa sivula iminyango yethu ,ngezinto ezingecabangeke zingenzeka .Ngokuba kuYe konke kuyenzeka .

Lalela . Umuntu ongenalo iphupho unjengomhlaba ongenamibala .

Inhliziyo engenaphupho injengengane engenakusasa. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge