... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ubumqoka Bokuhlukanisa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KuThimothewu 2:7 Qonda engikushoyo; ngokuba iNkosi iyakukunika ukuqonda ngezinto zonke.

Listen to the radio broadcast of

Ubumqoka Bokuhlukanisa


Download audio file

Enye yezinto esingashodile ngayo kulezinsuku yi-information.Futhi njengokuba iza kithi ngapha nangapha ,umbuzo osifikelayo ngothi sithembe ini ,sethembe bani ?   isinqumo esikhulu leso .

Ngesikhathi ,usama ubuke konke okwenzekayo kulomhlaba kulezinsuku ,umelwe ukuzibuza ,kungani amaqhinga angamampunge esephenduke into enkulu kangaka ? Aseneminyaka ekhona emhlabeni .Kodwa kulezinsuku abantu sebevese baluthwe yimiqondo engesilona iqiniso,imiqondo  okuthi uma iqhathaniswa namaphuzu aliqiniso ,iqiniso livele lizicacele ,amaphuzu eqiniso akwazi ukubonwa nayingane uqobo . 

Kubuya ekutheni yikuphi ,yini futhi esikhetha ukuyikholwa .Ngesikhathi umphostoli owasekhulile futhi ekhaliphile uPhawuli ebhalela insizwa ayeyibhamisa emsebenzini weNkosi uThimothewu mayelana ngesidingo sokuhluphekela uKhrestu ,uthi : 

2 KuThimothewu  2:7 Qonda engikushoyo; ngokuba iNkosi iyakukunika ukuqonda ngezinto zonke.

Ngamanye amazwi ,sebenzisa ingqondo uNkulunkulu akunike yona ukuhlukanisa iqiniso .

Andukuba uNkulunkulu akwenze Yena ngosizo lukaMoya oNgcwele ,ahlole ubuqiniso baleyonto qede akubeke esiphethweni esifanele.

Lowomsebenzi usemahlombe ethu ngamunye .Ngosizo lwe-social media ,kunabadlali bamanga  neminyakazo edukisanayo ngokwemboza amanga ngokusaliqiniso ,izigidi zabantu ziyakhalakathela kulokho .Ndlela zonke asiqikelele siba nokubuka okunempilo  ukugxeka izimakethe ezisuke zinamatulo ngemumva okufeza izinhloso ezinye – namuphi na umzalwane okuKhrestu unomsebenzi omkhulu ukuqikelela ukuhluza konke okuza kuye ngezimakethe angabi ukhamisa ngithele ,kwasani nje elethwa emlonyeni. 

Ukuhlinza uhluze kahle amaphuzu  ,uwacabange ungaphansi kukaNkulunkulu uholwa yiqiniso hhayi isifundiso thizeni senkonzo .Ngoba uma imfundiso thizeni yenkonzo seyedlula iqiniso likaNkulunkulu elizimele ,kumele sazi sesilengela eweni makunjalo .sisebungozini.

Qonda engikushoyo; ngokuba iNkosi iyakukunika ukuqonda ngezinto zonke.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..