... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukubamba Inkazimulo KaNkulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 1:14 ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.

Inkazimulo  ngelinye lalawomagama esizitshela siyazi lichazani ,kodwa uma ngingase ngikubuze incazo yegama elithi ‘inkazimulo’ ungasho ukuthi lichazani ? 

Sivamisa ukuyicabanga inkazimulo ngokwezibonelo eziphathekayo .Uma sibona  kuculwe kamnandi yilapho sifuna khona ukusho leligama elithi inkazimulo ,noma yini engukuphumelela okuhle sifikelwa yilo leligama ‘inkazimulo’. 

Kodwa empeleni lithini leligama ‘inkazimulo’ uma sekuziwa kuNkulunkulu  futhi besingathini uma kungathiwa  noma yini esiyenza emhlabeni iyayiletha  inkazimulo kaNkulunkulu khona khona manje ,phezu kwazo zonke izinselelo esibhekene nazo usuku nosuku ? 

Mhlawumbe kungalesosizathu kanye uJesu weza kulomhlaba :

NgokukaJohane  1:14 ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.

Esikhathini eside lokhu kwabe kungawukhandi umqondo kimina ,kodwa kuyabuya ezikhathini lakhona uNkulunkulu esohambweni  no Israel ehlane ,eyinsika yefu emini [umthunzi]  eyinsika yomlilo ebusuku [ukufudumala ,nokukhanya]iminyaka engu 40 . Leligama “wakha” hle hle lichaza ukuthi waba “yithebanekele” ndlelanye ncimishi ayenze ngayo kuseyitende kudalo kwiThestamente  Elidala ,ngezikhathi zikaMose . 

Futhi ngesikhathi ngiqhubeka ngimazi ,kusikhathi sinye kuqhubeka ukuba abe yithunzi kimi elangeni elishisayo ,eqhubeka engifudumeza ngomlilo waKhe emakhazeni  futhi ekhazimula ukukhanya kwaKhe ezindaweni ezimnyama kimina ,kusikhathi sinye kuqhubeka kugeleza izikhukhula zenkazimulo ekujuleni komphefumulo wami .

NguJesu lowo .

Unathi  ehlane .Unathi emnyameni nasekugodoleni empilweni .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..