... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukugada Ukuba Ngu-number One

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Nehemiya 9:17 Benqaba ukulalela abakhumbulanga iziimangaliso zakho owazenza phakathi kwabo ,kepha benza lukhuni izintamo zabo,nangokuhlubuka kwabo bamisa induna ukuba babuyele ebugqilini babo;kodwa wena unguNkulunkulu othethelelayo, onomusa nesihe ,wephuza ukuthukuthela ,ugcwele isihawu,kawubashiyanga.

Listen to the radio broadcast of

Ukugada Ukuba Ngu-number One


Download audio file

“Yebo nembala ngiyakholwa nguJesu ,” siye sicabange kanjalo ngathi ,ngesikhathi sizisasele sisahamba kulokhukuphila ,sizifaka umqondo ongathi,wokuzibona sifanelwe ,[entitlement] ,umoya wokuziduduza ….osebenza ngokuphikasana noNkulunkulu ezimpilweni zethu .Kuzwakala kuhlaba kakhulu  ucabanga kanjalo ?

Nganginekati igama lalo kungu Doggy [awu igama lekati ngempela lelo!] .Kodwa kwabe kulikati ngempela ,lihlale njalo libheke u number one njengokuba amakati ahlale enjalo .

Futhi uyazi ngolunye usuku ngangicabanga ukuthi sifana kanjani namakati .Sihlala njalo sibheke u number one kube yiwo oseqhulwini ,kube wu 2 no 3  ezimpilweni zethu ,lokho okwenza ube mubi lomhlaba .

Manje asenze lokhu.Akesime sicabange lokhu okwesikhashana.

UNkulunkulu uyaqhamuka  qede asikhulule ebugqilini bethu besono kunye nemiphumela yaso ,ekwenza lokhu ngoJesu,owafa ukuze mina nawe sithethelelwe ,waphinde wavuka ukuze mina nawe sihambe ,njengokubeka kukamphostoli uPhawuli ,empilweni entsha .

Ngakho sesikhululiwe ebugqilini  besono sethu ,kodwa okuthi ngesikhathi sisasongeleke oqobweni lwethu  ,kuba sengathi sisafuna ukubuyela kulobobugqila .

Nehemiya 9:17 Benqaba ukulalela abakhumbulanga izimangaliso zakho  owazenza phakathi kwabo ,kepha benza lukhuni izintamo zabo,nangokuhlubuka kwabo bamisa induna ukuba babuyele ebugqilini babo;kodwa wena unguNkulunkulu othethelelayo, onomusa nesihe ,wephuza ukuthukuthela ,ugcwele isihawu,kawubashiyanga.

Mhlawumbe isizathu uNkulunkulu esihlanganise eZibhalweni namhlanje ,wukuthi asiphaphamise.Mhlawumbe kungenzeka sesilingwe wukubuyela emumva ,sibuyele oqobweni lwethu ,emumva ebugqilini nasemiphumeleni yesono.

Kodwa phaphama ,vuka… uNkulunkulu unguNkulunkulu othethelelayo, onomusa nesihe ,wephuza ukuthukuthela ,ugcwele isihawu,akakushiyanga. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..



We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge