... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuhamba Uqondile Uqine Isibindi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KuThimothewu 4:1-4 Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu oyakwahlulela abaphilayo nabafileyo nangokubonakala kwakhe nombuso wakhe, ngithi: Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa. Ngokuba kuyakuba khona isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilayo, kepha ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi njengokubatshwa kwezindlebe zabo, bafulathelise izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni.

Listen to the radio broadcast of

Ukuhamba Uqondile Uqine Isibindi


Download audio file

Siyambonga uNkulunkulu  ukuthi asibona abashumayeli sonke .Ungakucabanga lokho ? Wonke umuntu eshumayela ekhuluma ,engekho olalelayo ,bekuzoba yihlathi lelo . Kodwa khona kunjalo sithola ukuthi wonke umuntu okholwa nguJesu ,ungumshumayeli ndlelana thizeni. 

Njengokuba sibonile izolo,iqiniso leZwi likaNkulunkulu ,lothando lwaKhe ,lomusa waKhe ,nezibele zaKhe ,kungaphansi kokuhlaselwa kulezinsuku mhlawumbe ukwedlula zonke izikhathi zaphambilini . 

Imiqondo yobuKhrestu iyavalelwa ngoba ayingeni kwimiqondo  kathelawayeka  o-secular.Kubukeka kuwukuthi wonke umuntu ,unebhala alidudulayo ,imfundiso ayigwedlayo ,i-agenda  ayiqhubayo .Futhi phakathi koqobo lokwenzeka kwazo lezizinto kulula kumuntu okholwa nguKhrestu agcine evumele ivangeli likaJesu lithuliswe . 

Kodwa uyazi nami ngiyazi ukuthi iqiniso liholela abantu ukuba bachume baye phambili .Iqiniso likaNkulunkulu liholela abantu enkululekweni .Manje pho ithini impendulo ? Yebo ,nangu futhi umphostoli uPhawuli ebuya ezosibangula kulesihloko  kanye ,ebhalela uThimothewu insizwa esencane ayeyikhulisa ebuholini :  

2 KuThimothewu  4:1-4Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu oyakwahlulela abaphilayo nabafileyo nangokubonakala kwakhe nombuso wakhe, ngithi:

Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa. Ngokuba kuyakuba khona isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilayo, 

kepha ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi njengokubatshwa kwezindlebe zabo, bafulathelise izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni.

Kuzwakala kujwayelekile ,akunjalo? Manje pho ithini impendulo ? Impendulo ngukuthi hamba unesibindi  uqondile .Impendulo ingezimpilo zethu ukuthi sikhetha ukuphila kanjani uku-

Shumayela izwi, siqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso

Yima eqinisweni .Lishumayele . Hamba uqonde ugcwele isibindi . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..