... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukukhohlwa Ngakushoyo uNkulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 1:22-24 Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa. Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi engesiye olenzayo, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni; ngokuba uyazibuka, amuke, akhohlwe masinyane ukuthi wayengonjani.

Listen to the radio broadcast of

Ukukhohlwa Ngakushoyo uNkulunkulu


Download audio file

Kukangakanani la khona ufunda into eZwini likaNkulunkulu  ake sithi nje kuyisekuseni qede bese uthi kuwe  “Woow impela kunjalo ! Kuhle kakhulu lokhu! Lento iyiyo uqobo! ?” Kodwa uthole ukuthi ekuphakameni kwelanga awusakhumbuli kwakhona ukuthi yini obuyifundile .Kuyavamisa ukwenzeka ,akunjalo? 

Uzakwethu uthi i-degree yakhe yokuqala  kwabe kuyi double major kwi Mathematics ne Computer Science. Ukubala ..Isifundo ayesikhonzile ? Kwabe kuluhlobo oluthile lokubala –iCalculus .Wawungamnika lolohlaba lokuhlukanisa lwezibalo ngisho ecimezile .Kodwa uthi namhlanje kade azikhohlelwa akasazi kwa-Calculus ! Kucabange nje lokho ukuthi indlela esimandla ngayo ukukhohlwa ngisho izinto esasingompetha kuzo ,ayikholakali.

Manje ,uthi futhi oqeqeshweni lwakhe lwasemasosheni .Kwezinye zezinto abazifundiswa ,wukuqaqa umjojantaba wesibhamu –i-7.62 SLR Rifle baphinde basihlanganise.Kodwa uthi mangase umvale amehlo namhlanje qede umnike lesosibhamu uthi akasiqaqe ,sona angavese asiqaqe ecimezile ngokushesha ndlelalnye ayenza ngayo eminyakeni engu 40 eyadlula ,akwenze kuthi ncamashi. 

Umehluko pho ukuphi la ? Yingoba wafunda iCalculus  ngokulalela ama-lecture e-university ,kanti lokhu kokuqaqa ahlanganise isibhamu wakufundiswa ngokwenza .Siya- practiser ngokuphindelela .Kufana ncimishi nangeZwi likaNkulunkulu! 

EkaJakobe 1:22-24 Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa. Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi engesiye olenzayo, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni;  ngokuba uyazibuka, amuke, akhohlwe masinyane ukuthi wayengonjani.

Ngicabanga ukuthi sifunda iZwi likaNkulunkulu ngokushesha .Angikaze ngilifunde ibhayibheli lonke ngiliqede ngonyaka .Njengamanje kade ngisahleli kuma verse ambalwa athile ,ngiwafunda ,ngicabanga ngawo,ngithandaza ,ngiphupha ngawo …..ngenza ngawo…kwezinye izinsuku ngingawenzi kahle ,kodwa ngiphikelela .Yiyona ndlela leyo esifunda ngayo .Yiyona ndlela leyo esikhumbula ngayo .Yiyona ndlela leyo esikhula ngayo qede sibone izimpilo zethu ziguqulwa .

Ngakho ungalilaleli nje kuphela .Lenze ! 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..