... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukupenda Okokugcina

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 Samuweli 16:7 Kepha wathi uJehova kuSamuweli ungabheki : ‘ ungabheki isimo sakhe [u-Eliyabe] nobude bomzimba wakhe ,ngokuba ngimalile ,lokhu uJehova engabukisi okomuntu ;umuntu ebheka okusemehlweni,kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.’

Listen to the radio broadcast of

Ukupenda Okokugcina


Download audio file

Kungokunye ukuthi uthi ; ‘Ngiyakholwa nguNkulunkulu,ngiyakholwa nguJesu,’kodwa kungokunye ngokuhlukile ukuvula izinhliziyo nezingqondo zethu ,simvulele angene, simnike imvume yokusebenza uthando namandla aKhe ngokujulile ngaphakathi kithi ..Yeebo impela yinto  ehlukile kakhulu … leyo .

Uzakwethu  uthi benonkosikazi wakhe bake bahlala endlini eyabe isiyisidala kakhulu ,abagcina nokho sebeyenze  i-renovation ,yabukeka ngokwezesimanje ,baguqula u-ceiling ,amaplangwe okwakhiwe ngawo i-floor ,namawindi ngisho nama-plug kagesi imbala nawo bakuguqula kwahambisana nokwesimanje .

Ngesikhathi kusaqhutshekwa nalomsebenzi omkhulu ngalendlu ,ingaphambili layo,  lona lalingakenziwa ,okungakho kwakuthi uma udlula ngomgwaqo uvese uzibonele inxiwa uqobo ,kodwa okwathi nje abapendayo bangafika esigabeni sokuwukupenda okokugcina ,wavese wacwebezwela wamusha sha kwaphela ukuwubuka njengenxiwa.

Ngokwabantu bonke into okuyiyo esemqoka yilokho kupendwa kokugcina kwangaphandle okwenza umehluko .Kodwa kulozakwethu uthi kubo okwabe kusemqoka wuguquko olwenziwa ngaphakathi kulendlu eyase ikhathele.

Siphila emhlabeni ovama ukubuka ingaphandle.Yilokho okusemqoka kwabakulomhlaba …..kodwa akunjalo kuNkulunkulu.Okumkhathathaza kakhulu ngukuthi kwenzekani ngaphakathi.

Ngamhla uNkulunkulu ezikhethela inkosi esebenzisa umphrofethi u-Samuweli …

1 Samuweli 16:7 …  Kepha wathi uJehova kuSamuweli  : ‘ ungabheki isimo sakhe [u-Eliyabe] nobude bomzimba wakhe ,ngokuba ngimalile ,lokhu uJehova engabukisi okomuntu ;umuntu ebheka okusemehlweni,kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.’

Mnikeze uNkulunkulu  imvume,mkhulule ukwenza ama-renovation adingakalayo kakhulu  kwingaphakathi ,ngoba yilokho okumqoka kuYe.Yilapho kanye phela noMoya wakhe uzohlala khona .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..



We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge