... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuthanda Abantu Abangakuhlekisi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 6:27 Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo

Sonke siyadinga ukuthandwa .Ngiyakudinga ,nawe uyakudinga futhi ,nabantu abaseduze nathi nabo bayakudinga  futhi uyazi ukuthini ,ngisho nabantu abanzima ezimpilweni zethu nabo bayakudinga ukuthandwa .Yebo impela sonke siyakudinga ukuthandwa .

Ake sike sicabange ukuthi kuyinto enjani ukuthanda labobantu abanzima ezimpilweni zethu .Lowamlisa  ohlale njalo ekuchukuluza  akugxeke,ngisho nala khona wenze kahle .Lowawesifazane okuguvuza uzwe uzizwe uxoveke ngaphakathi .Labobantu abahlala njalo bengamnandi kuwe . 

Nginaye umuntu onjalo empilweni yami .Kaningi ngizama ukumsiza ngalezinkinga zakhe ,kodwa lonke usizo esengike ngaluletha alukaze lusize ngalutho.Uhlale njalo enesihluku kimi noma kungathiwa besidibana endleleni ,livese ligqunqe lihwaqabale lidume kuye  izulu esikhaleni kungonakele lutho .Ngokwenyama siye sifise ukuphendula ngesihluku esifanayo nathi .Ngokwenyama siye sifise ukubuyisa izikhuni azizwe zinjani maziza kuye .

Futhi manje kuyamangaza ukuthi masujula uthola lababantu abadinga kakhulu uthando lwethu ,balucela ngezindlela ezingenalo uthando .Iqiniso limile ukuthi lowomuntu onesihluku enjalo udinga kakhulu ukuthandwa .Ngikwazi kanjani lokho ? Ngoba sonke siyadinga ukuthandwa .NoJesu wayekwazi lokho  naYe :  

NgokukaLukha  6:27  “Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo

Kunezinhla ezimbili kulomyalelo weNkosi lapha .Owokuqala ngowokuthambisa izinhliziyo zethu ,sizithande izitha zethu kunokuhlala phansi sicabange ukuthi konje singawaqoqa kanjani amatshe qede nathi siwabuyisele kuzo .Ingxenye yesibili ngukulwenza loluthando ,ukwenza okuhle kulabo abasizondayo . 

Inselelo kimi nakuwe ngukucabanga ukuthi sikwenze kanjani lokhu ,ngalomuntu esithi nje singadibana naye nangu njalo usenyukumele usenyanyile kungekho nto enyanyisayo ,inqobo nje ukuthi  uma eke wahlangana nawe.

Zithande izitha zakho .Yenza okuhle kulabo abakuzondayo .

Konke lokhu kuyenzeka ngamandla kaMoya engcwele ekuwe .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..