... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuthokozela UNkulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMarkhu 2:18,19 Abafundi bakaJohane nabaFarisi babezila ukudla; beza bathi kuye: “Yini ukuba abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bazile ukudla, kodwa abafundi bakho bangazili na?” UJesu wathi kubo: “Abayeni bangazila yini, umyeni esenabo na? Bese naye umyeni bangezile.

Listen to the radio broadcast of

Ukuthokozela UNkulunkulu


Download audio file

Ngakhula esimweni esabe sinomthetho wezenkolo .Kimi kwakuzwakala sengathi ukulandela uJesu kumele ube obanjwe ngentambo kuthiwe iya ngapha ungayi ngapha.Ngisola sengathi kuze kube namhlanje abantu abaningi basukubuka kanjalo ukukholwa.Pho ubungathini mangase kuthiwe akungakho lokho uNkulunkulu angakho emcabangweni yaKhe?

Enye yezinto engiyithanda kahulu ngoJesu ngukuthi wayengekho kakhulu ekulandeleni imiqathango yemithetho.Yebo nebala kuningi akukhuluma ngothando lwethu kuNkulunkulu nokuthi simelwe ukuguquka kanjani  indlela esiphila ngayo,kodwa kwakungeyiyona  lemiqathango emisiwe okubiza ukuba siyilandele.

Ngicabanga ukuthi thina luntu sinomkhuba wokuthatha into enhle kaNkulunkulu bese siyiphendule imithetho.

Inkolo nemithetho kubukeka kuyizinto ezingahlukani .Kodwa anginaso isiqiniseko sokuthi yilokho yini uNkulunkulu anakho emcabangweni yaKhe.

Abanye abantu bamphonselela inselelo uJesu mayelana nokuzila ukudla.

NgokukaMarkhu 2:18 Abafundi bakaJohane nabaFarisi babezila ukudla; beza bathi kuye: “Yini ukuba abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bazile ukudla, kodwa abafundi bakho bangazili na?” 

Ngamanye amazwi bambuza ukuthi “kungani izisebenzi zaKho zona zingenzi njengowonke wonke okwezenkolo zilandele lomthetho wenkolo?” Akuwona umbuzo ophusile lo.

NgokukaMarkhu 2:19 UJesu wathi kubo: “Abayeni bangazila yini, umyeni esenabo na? Bese naye umyeni bangezile.

Uyazi lokho kungitshelani ngoNkulunkulu? Ukuthi Yena uxolela ukuba sithokozele ukuba sebudlelwaneni naYe kunokulandela imiqakatho yemithetho .Manje okuchazanayo ngukuthi ngesikhathi siqhubeka simthokozela ,kusikhathi sinye silangazelela ukumphilela ngezimpilo zethu.Ngiye ngizibuze kwesinye isikhathi ukuthi akwenzeki yini ukuthi imithetho yezenkolo ishaye eceleni ,igeje leligama elithi –umusa. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge