... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuvikela Amalungelo Akho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 27:12-14 Kwathi lapho abapristi abakhulu namalunga bemthwesa icala,kaphendulanga lutho. Khona uPilatu wathi kuye: “Awuzwa yini lokho okungaka abakufakaza ngawe na?” Akaze amphendula nakwelilodwa izwi, umbusi waze wamangala kakhulu.

Uma kungukuthi izimpawu  ezingikhombisayo zamaKhrestu ngokwe social media feeds engizibukayo zikhomba okuthile ,uma kunjalo kobe kuchaza ukuthi thina siyibandla , sesigudlukile ngamalengiso kubuKhrestu obumi ngokweBhayibheli .

Lokho kusengezwakala kuhaya futhi kunomoya wokwahlulela ngakho ake sithi ukulibeka  eceleni  ‘ibandla’ –mina nawe ngeke sikwazi ukuguqula okwenzeka kulelozinga ,nguNkulunkulu kuphela ongakwenza .Kunalokho ake sithi amehlo kithi ngamunye .Kithi ,uma kungukuthi nawe uyakholwa nguJesu ,njengomfundi waKhe . 

Singakanani isikhathi esisebenzisa ekuvikeleni amalungelo ethu ? Sikhuluma ngomthetho othile ophasisiwe,kumbe (ake sifanekise njengalesosimo esiphuma kuso lakhona  ilockdown yabe yethulwe qede yaphoqwa  kithi ngenkani ).Ake sikuqhathanise lokho noJesu emela amalungela aKhe eziphendulela phambi kukaPilatu ,njengokuba wayemsulwa . 

NgokukaMathewu  27:13,14 Kwathi lapho abapristi abakhulu namalunga bemthwesa icala,kaphendulanga lutho. 

 Khona uPilatu wathi kuye: “Awuzwa yini lokho okungaka abakufakaza ngawe na?” Akaze amphendula nakwelilodwa izwi, umbusi waze wamangala kakhulu.

Yebo ,kumelwe ukuba amaKhrestu abe yingxenye yezimpikiswano emphakathini .Kodwa umbuzo uthi kuphelela kusiphi isikali esingathi angadluli kuso ? Kukusiphi isigaba lakhona siweqa  lomugqa wokuziphendulela sigcine sesikhuluma ngokobuqeqeba obusabuzwe ,mhlampe ake ngibeke ngithi ngokwentshisekelo engesikho okungokwebhayibheli yokuthi sithi :  ‘siyithimba lamakholwa’  ‘sizolihlula ithimba labangakholwa elishaya yonke imithetho enhlanhlathayo’ ?

Ukukubeka ngiqonde ngingathi sishukumbiswa kanganani zizathu zokukitaza kuvune thina ,sikwenze egameni lenkolo na? Ngoba ngokubona kwami loJesu esithi sikholwa nguYe ,wayehlale njalo ekhathazeke ngokwenza okuyintando kaBaba omthumile ,kunokuzenzela okujabulisa inyama yakhe .Akashongo lutho ekuziphenduleleni  Yena ngaYe .Futhi okumangazayo ukuthi ngenxa yentobeko yaKhe igama laKhe  liphakanyisiwe ngaphezu kwamagama onke .Ungajahi ukuziphendulela ! 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..