... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuvinjelwa Komoya

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 4:14 kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.

Listen to the radio broadcast of

Ukuvinjelwa Komoya


Download audio file

Ezikhathini ezithile siyafikelwa yisiphetho somcabango esithi asikho bahle ngokwanele ukufaneleka kuNkulunkulu–noma singakuvuma noma cha lokho.Ngakwenza lokho mina ,iminyaka ngizama ukumcashela,ngesikhathi ngi-sula izenzo zami.Cabanga lobobuwula okwakuyikho!  

Ngike ngalalela omunye umdlali engimkhonzile kwa-drama kulezinsuku ekwi- interview futhi wabe esekhuluma ngokuthi wake wabhekana nobuhlungu besisu obungachazeki.Bamphuthumisa kudokotela owathola kunento evimbile ethunjini lakhe ,futhi uma wayengezukuhlinzwa ngokushesha wayezofa.

Izinto eziba yizivimbela emzimbini wakho zingathatha impilo yakho.Kumapayipi omoya ,awegazi  nasemphinjeni.Uma zingalungiswa ngokusheshwa zingakuyisa kwagoqanyawo.Kanjalo futhi nezivimbela /blockages zokomoya nazo zifana ncimishi kwezingakwenza kuwe.

Yazi ngiyazi ukuthi igama elithi ‘isono’alisilo igama elivelele.Kodwa yigama elishiwo nguNkulunkulu lelo.Leligama elifushane elinezinhlamvu ezinhlanu elichaza isivimbela esenzeka uma simdela uNkulunkulu .Isivimbela esiletha ukufa ingunuphakade.

Kodwa ebese uNkulunkulu aqhamuke nelinye igama.Nalo elinezinhlamvu ezinhlanu .LiyiGama lokuphila .IGama eligudluza isivimbela .LeloGama ?  UJesu.Nansi indlela yena siqu abeka ngayo:

NgokukaJohane 4:14 kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade;

kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.

Sonke ngamunye sinesono ,sinento esihlukanisa noNkulunkulu.Manje senze njani,sizama uku-sula isenzo sethu.Kuhle lokho ,kodwa ekuhambeni kwesikhathi akusebenzi lokho.

Okusebenzayo wukusondela kuJesu ,ukuphuza emanzini okuphila uJesu asinika wona –Umoya waKhe ,iZwi laKhe –ukukhukhula isivimbela  njengokuba kunguYe kuphela ongakwenza lokho.

Ukusebenza ngakho ,akusiyona impendulo .Ukusondela kuJesu yikho okuyimpendulo.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge