... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuwina okunye ,Ukulahlekelwa wokunye

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isihlabelelo Sezihlabelelo 2:15 Sibambeleni izimpungushe ,izimpungushe ezincane .ezichitha izivini,ngokuba izivini zethu zinezimbali.

Listen to the radio broadcast of

Ukuwina okunye ,Ukulahlekelwa wokunye


Download audio file

Impilo YoMKhrestu engagcwele kahle ingenye yezinto oyitholayo kubantu bakaNkulunkulu emakholweni.Impilo eshoda kakhulu ngakho konke lokhu uNkulunkulu akwethembisayo .Impilo ekwenza ube nombuzo othi –Ngakube lento yoBuKhrestu yokukholwa iyasebenza ngempela?

Uma uNkulunkulu enguNkulunkulu ngempela ,ngakho akasoze waqamba amanga  futhi ngeke ahluleke.Noma ngabe yini ayethembisayo-futhi nebala  wethembisa okuningi –Nakanjani kuyinqubo yaKhe ukukuletha akwethembisile.

Abantu abaningi babukeka bekholwa yizethembiso zikaNkulunkulu –ukuthula,intokozo,nempilo echichimayo-kodwa ndlelana thizeni kutholakale lezizinto azibonakali zifika .Kungani kunjalo ?

Akusikhona ukuthi uJesu usethembise impilo elula.Lutho sanhlobo,uma kuthiwa kunento enzima njengokumlandela uJesu ,lokho kuyikho impela  ngoba sibizelwe ukuzidela ,sithabathe iziphambano zethu ,senze lokhu okuphikisana neningi.

Kodwa kunento eyodwa ngaphezu kokunye ,encisha umuntu zonke lezethembiso uNkulunkulu azenzayo.Kuba yilokho kuzenzisa okuncane .Ukuqamba  amanganyana amancane nje,ukudlalisa amehlo ngokulobizela ukukhanuka .Sivese sithi akekho ozobona ,yinto encane le.Kulungile yah khona yinto encane .Yinto engatheni ,ayisho lutho  ngempela?

INkosi yakudala eyayihlakaniphile enguSolomoni yake yabhala lamagama:

Isihlabelelo Sezihlabelelo 2:15 Sibambeleni izimpungushe ,izimpungushe ezincane .ezichitha izivini,ngokuba izivini zethu zinezimbali.

Manje ,lombhalo wabhalwa mayelana nezinto ezincane ezingathikameza umshado,kodwa lamagama aphinde abe yiqiniso nasekungeneni kunoma yiziphi izinto ezincane ezinganinda ubudlelwane noma bahloboluni ,okubandakanya nobudlelwane bethu noNkulunkulu.

Ngicela ulalele lokhu sihlobo sami.Impilo yakho yenzelwe ukuba iqhakaze kahle kakhulu ncimishi njengalomvini,ithele izithelo ezicebile ,ezizchichimayo.Kodwa lokho ,soze kwenzeka uma uqhubeka uvumela izimpungushe ezincane zichithe isivini sakho .

Yikuphi ukuyekelela izinto ezincane okukho okwenzile  ,uzithathe kancane ezikwemuka izethembiso zikaNkulunkulu ? Ngakube kukhona lezozinto ezincane ozizibayo ezikusiza ngakho?

Mlaleli wami .Zenzele umusa wena qobo.Zibambe.Zikhahlele uzikhiphe esivinini sakho.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge