... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuzenzisa Kweqe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 62:3,4 Koze kube nini nisukela umuntu ukuba nimbulale nonke njengodonga olwengemeyo nothango olidilikayo na? Yebo bathunga icebo lokumwisa ekuphakameni kwakhe,bathanda amanga bayabusisa ngomlomo wabo,kepha ezibilinini zabo bayaqalekisa .

Listen to the radio broadcast of

Ukuzenzisa Kweqe


Download audio file

Kuningi ukuzenzisa okukhona  ezimpilweni zabantu kulezinsuku,emhlabeni ,mhlawumbe ngisho nasezimpilweni zethu Kubantu sisho okuhle ngabanye abantu ,kodwa masesikhosombeni siyabaqalekisa .

Manje mawuthi nhla ubone noma uzwe lamagama ,azwakala elumela sengathi alahlana ngecala .Kodwa ake ucabange mumva le la kukhona umuntu owakuchuluza .Ngakube wenza sengathi konke kuhamba kahle kubantu ,kodwa masuwedwa wawumshwabulela ? Ngakube wamoyizela ebusweni babo,kodwa ngaphakathi lalihwaqwabele izulu enhliziyweni?

INkosi  uDavide yayivamisile ukuba  yisisulu salolohlobo lokuziphatha . Yebo ,nebala iNkosi uSawuli  eyahlala eShlalweni phambi kwakhe yazama ngisho ukumbulala.

Yebo nebala amasosha ayemcinga efuna ukumhlasela la ekhona  engakabi yinkosi. Kodwa izitha zakhe ezedlulele kwaba yilezo kanye zasesiGodlweni ngaphakathi eNdlunkulu ngisho amadodana akhe imbala awazala ihh!  Nakhu ukuzidla kwakhe ngalezozitha :

Amahubo  62:3,4 Koze kube nini nisukela umuntu ukuba nimbulale nonke njengodonga olwengemeyo nothango olidilikayo na? Yebo bathunga icebo lokumwisa ekuphakameni kwakhe,bathanda amanga bayabusisa ngomlomo wabo,kepha ezibilinini zabo bayaqalekisa .

Kuningi ukuzenzisa okukhona okuqhubekayo ezinhliziyweni nasezimpilweni zabantu abazibiza ngabakaNkulunkulu; abantu abathi uJesu unguMsindisi wabo ,abahle ngaphandle kodwa ngaphakathi bamnyama nsuce .

Sihlobo sami ngingakumemela ekutheni akuzihlole nawe injani inhliziyo yakho ,ukuyibhekisise izingoxi zayo . Ubani osuke waqamba amanga ngaye emphakathini? Ubani osho izinto ezimnandi uma  unabantu kodwa mase uwedwa  uyisishiphi somzondo ngendlela omenyanya ngakhona ? Sekuyisikhathi ubophe amatomu manje sihlobo sami .Yima nsee ukuyeke ukuzenzisa . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to heavy rains that flooded our TV studio, there’s no video for today’s Fresh. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.