... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungajahi Ubuntofonto Okwamanje

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMarkhu 2:16,17 Khona ababhali babaFarisi bembona edla nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na?” UJesu ekuzwa lokho wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni.”

Listen to the radio broadcast of

Ungajahi Ubuntofonto Okwamanje


Download audio file

Kunomoya osungenisile kulezinsuku kubantu bakaNkulunkulu ,ukubona ivangeli likaJesu Khrestu linjengethikithi  lokududuza nempumelelo ,mhlawumbe igama ‘osungenisile ohamba mawala ‘ akulona igama ebelingena khaxa.Asithi inkohliso ,isifo …lawomagama abukeka engena khaxa  kangcono . 

Kunezizathu eziningi ngangiyithandi i-social media ,kodwa iyanginika  umqondo omningi ngokokuthi abantu bacabangani ,ikakhulukazi labo abazibiza ngokuthi banga ‘MaKhrestu’.

Futhi omunye walowomqondo o-threndayo ngowokuthi ivangeli liyithikithi lenduduzo empilweni.Ngike ngabona enye i-post yo’MKhrestu’: Ngesikhathi ngiqhubeka ngikholwa ,sengiyabona ukuthi kusikhathisinye ngingafuna  drama empilweni yami , ungqubuzano noma ingcindezi .Ngifuna ikhaya elintofontofo ,abantu abahle nokudla okumnandi kakhulu okuzonginandisa empilweni .

Lomusho waduma ,wathandwa ngabantu abangu  182,000 . Futhi yebo nebala abekho kithina abafuna idrama, ungqubuzano nengcindezi empilweni . Sifuna ikhaya elintofontofo kamnandi ,ukudla okumnandi ,nakanjani futhi nokuzungezwa ngabantu aba-right ,abahlale bejabule . Kodwa uma  ukholwa nguJesu akusikhona lokho akubizele khona .

NgokukaMarkhu 2:16,17Khona ababhali babaFarisi bembona edla nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na?”  UJesu ekuzwa lokho wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni.”

Ababizwa ngokuthi yizoni ngabanzima ukuba seduze kwabo .Baqhubeka kabi ,bethuka ,bathukuthele baqhume ,baqamba amanga ,bayantshontsha .Futhi uma mina nawe singabatsheli ngoJesu ngubani  oyobatshela ?  

Akasithumele kwabahle .Usithumela ezonini .Ngakho ungazifaki emzweni wokuyophumula kamnandi  ebuntofontofweni njengamanje .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..