... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UNkulunkulu Ekugugeni Kwakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 46:3,4 Ngilalele wena ndlu kaJakobe ,yonke insali yendlu yakwaIsrael engiyithwesiweyo kwasesiswini,yabekwa phezu kwami kwasesizalweni .Noze niguge nginguye ,yebo noze nibe yizimpunga ,ngiyakunithwala ngikwenzile lokhu ,futhi ngiyakunetshatha ,futhi yebo ngiyakunithwala nginikhulule.

Listen to the radio broadcast of

UNkulunkulu Ekugugeni Kwakho


Download audio file

Enye yezinto engiye ngiyithole ijulile,yindlela uNkulunkulu  akwazi ukuthatha into ayikhuluma kubantu eminyakeni eyizinkulungwane eyadlula  ngomunye umqondo ,kodwa aphinde ayisebenzise ukuba  iguqule izimpilo zethu ngokomthelela onamandla  khona namhlanje . 

Ngakho ake singene kuyo .

Isaya 46:3,4 Ngilalele wena ndlu kaJakobe ,yonke insali yendlu yakwaIsrael engiyithwesiweyo kwasesiswini,yabekwa phezu kwami kwasesizalweni .Noze niguge nginguye ,yebo noze nibe yizimpunga ,ngiyakunithwala ngikwenzile lokhu ,futhi ngiyakunetshatha ,futhi yebo ngiyakunithwala nginikhulule.

Uthini lombhalo ngokulotshwa olotshelwe bona ? Yebo,abantu bakaNkulunkulu u-Israel wabe usebugqilini ekuthunjweni iminyaka engu 70, ngoba babengathembekile bakhonza onkulunkulu bamanga ,ngakho uNkulunkulu wabajezisa . 

Futhi nebala okuthe iBhabhiloni njengoba labe liyisizwe esigcwele ubuhedeni ,kwenza layinhlabathi evundile ukuqhubeka ukuhuheka kuka Israel akhonze izithixo. Lamavesi  aqhamuka  enkulumweni la khona uNkulunkulu ekhuza lomhlola , ngoba ehlose ukubuyisela u-Israel ezweni lesethembiso . Kuyisikhathi futhi esesabisayo . Iningi lalababantu lase liphile impilo yalo  yonke liyizigqila . Ngakube uNkulunkulu wayezobathatha ngempela ababuyisele kulelizwe bona abebezwe nje kuphela ngalo bengalazi  ngenxa yokuzalelwa eBhabhiloni? Lokho kwakuyobe kuchazani kubo ? Kwakungeke kube yingozi lokho na? 

Kodwa nansi la elele khona .Ngale kokwehluleka kwabo ,kokwesaba kwabo ,kokungathembeki kwabo,uNkulunkulu Yena uhlala ethembekile . Kusuka sibumbeka ezibelethweni kuze kube sekuzalweni size siguge ngisho sekungale kwalokhu kuphila uNkulunkulu uqhubeka engothembekile njalo njalo. 

Ngakho noma ngabe yikuphi ukwehluleka ,ukwesaba neminyaka yobudala bakho ,ngisho kungathiwa sewuze waguga ,yazi lokhu . UNkulunkulu uthembekile .

Yilona kanye iZwi laKhe  leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..