... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UNkulunkulu Ubukeka Enza Izinto Ezingajwayelekile

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 3:1,2 Ngaleyo mihla kwavela uJohane uMbhapathizi eshumayela ehlane laseJudiya, ethi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!”

Listen to the radio broadcast of

UNkulunkulu Ubukeka Enza Izinto Ezingajwayelekile


Download audio file

Uma uNkulunkulu ebekubizela ukwenza into ekumangazayo ,ezwakala sengathi iyeqa ,ingale kwakho ,okubukeka sengathi ubedinga ukuthola umuntu o-qaulified kangcono kunawe …ubungaqhubeke uhambe Mlaleli? Yebo ,nebala ubungaya noma cha ?

Angikubingelele,ngikwamukele engosini e-FRESH ,nginguSbonelo BT Ngema ongumlomo ka -Berni Dymet we-Christianity Works.

Asikhulume iqiniso uNkulunkulu wenza izinto ezingajwayelekile kwesinye isikhathi .Ake uthathe u-Johane uMphabhathizi ,izwi lomemeza ehlane ;indoda uNkulunkulu ayibiza ukuba iyolungisela indlela yeNkosi.

Manje ngokokukala ,uJohane wabe engangeni khaxa kulesikhala.Wayegqoka uqhotho lwekamela futhi edla amaqhwagi noju lwezinyosi .Akazange aye eKolishi leBhayibheli kumbe agcotshwe ngokusemthethweni abaholi abakhulu bezenkolo.Cha ,kodwa wabe eliphimbo elalimpongoloza ehlane linomyalezo owabe ungakholakali futhi ungavelele.

NgokukaMathewu 3:1,2 Ngaleyo mihla kwavela uJohane uMbhapathizi eshumayela ehlane laseJudiya, ethi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!”

“Phendukani” ngamanye amazwi phendukani nizishiye izono zenu– “ngokuba uMbuso kaNkulunkulu ususondele ”. Futhi wabhabhathiza abantu ababeza kuye ,qede wabatshela ukuthi , “Yebo impela nginibhabhathisa ngamanzi ,kodwa kukhona onamandla kunami ozayo-futhi Yena uzakunibhabhathiza ngoMoya nangomlilo.”

Manje makungathiwa mina nawe sabe singuNkulunkulu,sasingamkhetha ongangeni khaxa kulesikhala njengoJohane uMbhabhathizi azolungiselela ukufika kukaJesu ,uMdali weZulu nomhlaba onguMsindisi woMhlaba futhi ? Lutho sasingeke sifunele ngakuye .

Kulula kithi ukucabanga ukuthi uNkulunkulu ugcina izikhala zemisebenzi esemqoka ,azigcinele abantu ababukeka bemqoka .Abantu okubukeka izinto zabo zihlangene .

Kodwa ake uvule iBhayibheli lakho ,imvama unika leyomsebenzi abantu ,ubungeke walokotha wacabangela ngakubona .Abantu abanjengami nawe.

Sihlobo sami yeka ukuziqhathanisa nabantu abahle kunawe [ngokokucabanga kwakho] ,wena qhubeka wenze lokhu uNkulunkulu akubizele khona.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..



We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge