... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Unoxhaka Wokucabanga okukodwa kweqoqo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 Amakhosi 22:7,8 Kepha uJehoshafathi wathi : “akusekho mphrofethi kaJehova lapha ukuba sibuze kuye na?” Inkosi yakwa Israel yathi kusekhona umuntu munye uMikhaya indodana kaJimila ,esingabuza ngaye ngoJehova ,kodwa ngiyamzonda ngokuba akaphrofethi okuhle ngami kepha okubi.Wathi uJehoshafathi : “inkosi mayingasho njalo”

Enye yezindlela ukugcina kunokuthula ,ngukutshela abantu izinto abafuna ukuzizwa .Inkinga ngalokho ngukuthi ,akuhlali kuliqiniso lokhu abahlale befuna ukukuzwa .Lokhu abahlale befuna ukukuzwa akuyona njalo into enhle kubona . 

Futhi yiyona ntshisekelo leyo ukutshela abantu lokho abafuna ukukuzwa ,yilokho okuholela kwengikubiza ‘ngomcabango weqoqwana’ .Abantu baqoqane ndawonye bezwe kumnandi ukuvumelana ngokuhhema kwabo ,yibo labaya beyokhalakathela eweni ngoba phela angithi bayiqoqo elikukhuluma nokucabanga kunye okungahluziwe akekho ofuna ukuphatha kabi omunye .

Kwake kwanesikhathi lakhona amakhosi amabili ,u Ahabi no Jehoshafathi ,kwakumele banqume ukuthi baye noma bangayi  empini  yama Aramu.Kodwa uJehoshafathi wabona kusemqoka kuqala ukuthola iseluleko sikaNkulunkulu . 

Indlela ababekwenza ngayo kulezonsuku kwabe kungukucela ukubuza kubaphrofethi.Babelapha ku 400 bonke bathi ,nizozigwazela amabhece ,qhubekeni niye empini . 

1 Amakhosi  22:7,8 Kepha uJehoshafathi wathi : “akusekho mphrofethi kaJehova  lapha ukuba sibuze kuye  na?” Inkosi yakwa Israel yathi kusekhona umuntu munye uMikhaya  indodana kaJimila ,esingabuza ngaye ngoJehova ,kodwa ngiyamzonda ngokuba akaphrofethi okuhle ngami kepha  okubi.Wathi uJehoshafathi  : “inkosi mayingasho njalo!”

U-Jehoshaphat waye -right. Mangase kuthiwe u-Ahabi wamlalela uMikha ngalolosuku,wayengeke afe empini .Omunye umngani wami uPeter Sewel uyibeka kanje :  

Ngeshwa ,amaqoqo ahlakulela ukwenza ngendlela eyodwa ,agcina elahlekelwa isigqi sokusebenza kwawo .Izinqumo ziba nzima ngoba ukuziphatha kokuhlangana kwaleliliqoqo  kuvimbela ukuhlaziya nokuhlunga kwangempela ukuze kubonakale okuyikho nokungeyikho . 

Ungakubiza ngokucabanga kweqoqo okukodwa ,ukwenza ngendlela eyodwa nonke  kungahlaziywa kungaphikiswa lutho ,qede ningene emibonweni owodwa oniyisa phansi emgodini ,nembala lokhu  kungasiholela engxakini  enkulu .Yiba nesibindi ukulalela abantu abazokutshela izinto ongathandi ukuzizwa . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..