... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Wavela ENazaretha

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMarkhu 1:9 Kwathi ngaleyo mihlakwafika uJesu evela eNazaretha laseGalile, wabhapathizwa nguJohane eJordani.

Listen to the radio broadcast of

Wavela ENazaretha


Download audio file

Izikhathi nezikhathi ,kulula ukuqala sizakhele isithombe emqondweni esithi asikho bahle ngokwanele kuNkulunkulu futhi kube sengathi wathumela uJesu ngalabo abangcono bona okubafanele,kodwa thina nje ,cha bandla asingeni esikalini .

Ngangifunda iBhayibheli lami ngolunye usuku ,futhi lelivesi langithinta:  

NgokukaMarkhu 1:9 Kwathi ngaleyo mihla kwafika uJesu evela eNazaretha laseGalile, wabhapathizwa nguJohane eJordani.

Manje kamathuba hleze siphila ezindaweni ezahlukene kulomhlaba.Kodwa noma ngabe sonke sikuphi nomhlaba njengamanje,sonke singakwazi ukucabanga ngendawo noma idolobha eliyizibi nje uqobo ,noma kungaba imijondolo ethize noma ilokishi kodwa ikhona indawo othi mawuyicabanga uvese ubone ukuthi amabibi phela lawa ,ongeke wathanda ukuphila kuyo.Nakanjani yindawo le ongayicabanga ,ayikude kakhulu nala ohlala khona.

Kwi khulunyaka lokuqala u-Israel,uma kungukuthi wabe usemandleni ezenkolo une-ofisi ekhoneni lethempeli eJerusalema ,leyondawo yabe ilidolobha lase Nazaretha esifundeni saseGalile .Nawe wawuzovese ubuke ngokunyipha izakhiwo zakhona ezibukeka zikhathele zidabukisa ,wawuyobuza njengalowo owathi : “Kukhona okuhle okungavela eNazaretha?”

Nokho sithola ukuthi ,uNkulunkulu wakhetha ukuba iNdodana yaKhe ,uJesu izalwe khona emndenini ompofu,ukuba ifundiswe ukuba umbazi futhi ikhuliswe khona kuleyondawo.Hhayi eJerusalema eyabe iliHlalaNkosi iyikoMkhulu laMandla OMbuso ,kodwa eNazaretha .leyondawo eyabe ingatheni ,ewuhambo lwezinsuku ezimbalwa mawusuka eHlalaNkosi.

Sewake wazibuza ukuthi lokho kuthini ngoNkulunkulu?

Kimi ,lokhu kanye kokuthi uMdali noMsindisi ,uNkulunkulu uqobo lwaKhe wangena kulomhlaba ngendlela ethobeke kanjalo kuvese kube yindaba ezisho yona ngokwakho,kusho ukuthi akazelanga abaphethe amandla nezihlakaniphi ,wezela abantu abajwayelekile abanjengami nawe. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge