... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Yazi Lokhu !

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 1:19-20 Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela

Listen to the radio broadcast of

Yazi Lokhu !


Download audio file

Kunini la osakhumbula khona wavese washo into kumuntu ungayicabanganga sanhlobo ? Into eyenza umonakalo kuye.Into othi mawuyicabanga ufise sengathi ,ungabuyisa  lawomagama owawasho? 

Sonke sinamakhona ethu ,akunjalo? Into eshiwo ngomunye umuntu evese isikhiphe emoyeni .Okuvese sifune ukubabhubela ,singacabanganga  ngendlela.

Eminyakeni eminingi lento isibe  wubuthaka kimi obukhulu ,obube yisiphethu sokulimaza ezobudlelwane eziningi  empilweni yami .Iqiniso ngukuthi njengamaqubu enkukhu ngeke  sisawabuyisa amagama esiwashilo .Uma sesiwakhiphile  ngeke asabuyela esifubeni .Kodwa uthola khona kunjalo kuwuhlobo lwephutha esiqhubeka silenza njalo sibuyela kulo .Manje ke sithini ,sithandaze kuphela ,yikho okuyimpendulo? 

EkaJakobe 1:19-20  Niyakwazi lokho,

bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela

Uma sizoguqula  injikela yokuphindaphinda  ukuziphatha okungekuhle ,ngakho sidinga ukuguqula umuzwa osheshayo ngesikhathi sithintwa ikhona .Khona kanye la uJakobe ,umfowabo kaJesu usinika amagxathu  amathathu asobala .

Elokuqala ,elizwakala lingejwayelekile , sheshani ukuzwa.Mlalele omunye umuntu .Usuka kuphi ngenkulumo yakhe? Kungani besho lokhu abakushoyo  kumbe benze lokhu abakwenzayo? Okwesibili ,phuza ukukhuluma . Uyabona mawuke wabamba lenqubo ,ukwazi ukuhlukanisa indlela abacabanga ngayo ,wetshise kahle inhloso yabo bese kuyila ukhuluma .Okokugcina ,uphuze ukuthukela. Ubeke phansi kakhulu umoya .Kahle hle ,sengifunde ukukwazi ukwehlisa ezintweni ,kwenza ukuthi ukudinwa kungakwazi ukunyuka ngamandla .

Ekuphetheni  kwakho konke ,kunini lakhona ukudinwa kwakho kwamenza wangcono kwayikho  lowomuntu owawumdinelwe ?  

… ngokuba ukuthukuthela komuntu akulethi ukulunga kukaNkulunkulu.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..