... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Angenele

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMarkhu 5:36,39 Kwathi ukuba uJesu ezwile izwi elishiwoyo, wathi kumphathi wesinagoge: “Ungesabi, kholwa kuphela.” Wangena, wathi kubo: “Niyaluzelani, nikhalelani na? Umntwana akafile, kodwa ulele.”

Listen to the radio broadcast of

Amandla Angenele


Download audio file

Uyazi ukuthi kuba njani .Ubhekene nenkinga ,isikhubekiso,esivese sibukeke siyintaba phambi kwakho.Uze ufise sengathi ubungakukholwa ukuthi uJesu angakusiza ,kodwa kutholakale ukuthi ndlelana thizeni ,khona ukuyo lentaba  awukwazi ukuba nokholo olwanele ukubhekana nayo.

Sewake wasibuka isimo obhekene naso ngqo sishisa sinjalo ,mhlampe ezobudlelwane ezinzima,izinkinga zezimali,noma ukukhathazeka ngezempilo ….okuthi ngesikhathi usayibuka lenkinga bese ucabange ngaphakathi kuwe , “Ngisho uNkulunkulu ngeke akwazi ukulungisa yonke lento .”? Sewake waba sesimweni esinjalo.

Kulezinsuku mlaleli weFRESH besimatasa sihlaziya uJesu ,nesixuku esikhulu ,uJariyu umholi weSnagogi ondodakazi yakhe yabe isembhedeni wokufa ,nalowo wesifazane owayenuka phuh iphunga lokugula okwase kumbambe eside isikhathi lesi  owasondela kuJesu wamthinta.

U-Jariyu waguqa ngamadolo ezinyaweni zikaJesu emncenga ukuba azosindisa indodakazi yakhe eyayibhekene nokufa.

Okuthe ekulolohambo uJesu waphazamiswa yilowesifazane owayempintsha engamniki thuba ngenhloso yokulangazelela ukuphulukiswa .Lesisenzo sadala ukubambezeleka kwaloluhambo.

Okuthe kusenjalo ,zazifika izigijimi nezindaba ezithi indodakazi kaJariyu sekuvese kwayenela ukufa .Ngakube uJariyu wazizwa kanjani kulesisiga? Wadinelwa lowesifazane? Wenzelwe phansi nguNkulunkulu? Waphelelwa yithemba ,woma nkwe?  Mangase kuthiwe mina nawe besiwazi umuzwa uJariyu abanawo kulesigaba…

NgokukaMarkhu  5:36,39 Kwathi ukuba uJesu ezwile izwi elishiwoyo, wathi kumphathi wesinagoge: “Ungesabi, kholwa kuphela.”

Wangena, wathi kubo: “Niyaluzelani, nikhalelani na? Umntwana akafile, kodwa ulele.”

Futhi okuthi uma usufunda udaba lonke ,uyathola ukuthi uJesu wagcina eyivusile ekufeni lentombazana.

Yini ingempela le esenza sicabange ukuthi loJesu owadala umhlaba wonke ,angebe nawo amandla okubhekana alungise izinkinga zethu ,kungakhathalekile ukuthi zibukeka ziyintaba engakanani?  

Yizwa lokhu sihlobo sami,uJesu akazange acasukele acikekele noma ngabe ubani ngokuthi abe nokholo kuze kweqe ngaYe .Lutho ngisho nakanye !

“Ungesabi, kholwa kuphela.”

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..



We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge