... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Inkemba Esika Nhlangothi Zombili

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 10:2-4 Ingcebo yobubi ayisizi lutho ,kepha ukulunga kophula ekufeni .UJehova akavumi ukuba olungileyo alambe ,kepha isifisi somubi uyasihlohloloza . Isandla esinobudenge siveza ubumpofu kepha isandla sokukhuthala siyacebisa .

Listen to the radio broadcast of

Inkemba Esika Nhlangothi Zombili


Download audio file

Kungenye yalezompambankwinci zempilo ezimi sengathi zingumthetho wokuphila ukuthi yonke into enhle igcina isiphenduka iba yinto embi .Zonke izibusiso zingashesha ngokuphazima kweso ukuphenduka isiqalekiso  .

Ake ucabange ngalokho .Ngakube imali ngokwayo yimbi? Yebo phela lokhu kuyelana nomuntu .Ezimweni eziningi siyayisebenzisa ,iyinto enhle.Futhi uma sinikela ngayo kwabaswele iba yinhle ngokuphindiwe.Kodwa okuthi uma siyeba ,siyigombela kithi sodwa iphenduka ibe yinto embi kakhulu . 

Ngakube ukusebenza kanzima kuhle noma  kubi? Nalokho kuyelana nomuntu .Ukukhuthala nokuzinikela kuthela izithelo ezinhle …ngaphandle uma ukhuthalele izinto ezi-wrong ,kumbe udela umndeni wakho ngoba nakhu imali enelisayo ngokwezidingo ingakugculusi kodwa usungene ukuyifuna ngobuningi kuze kweqe .

Futhi kunini lakhona ukuphumula okuhle kuphenduka isiqalekiso ? Yebo nembala kubukeka yonke into ihlaba nhlangothi zombili .Njengenkemba esika nhlangothi zombili ,kuyelana  nawe ukuthi uyisebenzisa kanjani . 

Izaga  10:2-4 Ingcebo yobubi ayisizi lutho ,kepha ukulunga kophula ekufeni .UJehova akavumi ukuba olungileyo alambe ,kepha isifisi somubi uyasihlohloloza .

Isandla esinobudenge siveza ubumpofu kepha isandla sokukhuthala siyacebisa .

Emva kwakho konke nguNkulunkulu uqobo lwaKhe .Uyabona  ukuthi ingcebo yakho uyizuze ngokwethembeka noma ngobugebengu .Uyabona ukuthi ulivila noma uyisikhuthali.Uyazazi izizindlo zenhliziyo yakho .Njengokuba omunye wake wathi : “Ubusisiwe ofunde ukuncoma engabi namhobholo ,ukulandela engabi ngozenza lowomuntu ,adumise engahlebi ngalowomuntu ,ahole engaqhoqhobali Konke okwenzayo ,kwenze ngenhliziyo enhle ngoba  … kepha ukulunga kophula ekufeni UJehova akavumi ukuba olungileyo alambe 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.