... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukukhulisa Izingane Ezikwazi Ukuma Kweziyikho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 23:13 Ungayeki ukumlaya umntwana ngokuba uma umshaya ngoswazi akayikufa .

Listen to the radio broadcast of

Ukukhulisa Izingane Ezikwazi Ukuma Kweziyikho


Download audio file

Lowomqondo osekuyiminyaka umile webhayibheli wokuthi ungayeki ukumshaya umntwana  ngoba udediza ubuwula kuye ,sewube ngumqondo oyisidala kwisimanje .Futhi yebo ngiyavuma zikhona izindlela ezinhle  eziningi zokumqondisa umntwana kodwa okusalayo udingeka eqondisiwe  ! 

Kulezingane enginazo ngisifakile isandla ekuzikhuliseni  … futhi kunezinto ezimbili engingakutshela zona ;okokuqala ngangingesiye ubaba o-perfect .Okwesibili –ukukhulisa izingane yinto enzima kakhulu ukubhekana nayo empilweni . 

Yebo zikhona izikhathi ezimnandi kodwa ezikhathini eziningi kubiza ukuthi kuqine satshe.Futhi kungumgijimo obiza ukuba sizimisele ngamandla ethu  wonke . 

Kodwa kungukuzinikela okumvamisa yakho kunezithelo ezinhle ekugcineni .Kuba yisibusiso masengibuka izingane sezikhulile sezifunde inhlonipho nokwazisa abanye abantu ,angiyiphathi eyomzali osuke esezibone zakhula nazo sezingabazali ngokwazo yinto eyisibusiso esingachazeki leso .

Futhi angikutshele ukuthi ukufinyelela ekuboneni lezozithelo kubiza ukuba wenze umnikelo omkhulu kakhulu .

Izaga  23:13. Ungayeki ukumlaya umntwana ngokuba  uma umshaya ngoswazi akayikufa

Futhi njengokuba ngishilo ziningi izindlela zokubaqeqesha nokubaqondisa ezinhle ngokuhlukahlukene kodwa into engukhiye  ngukuthi bamelwe ngukuqeqeshwa ngendlela abantwana. Lenqubo yesimanje yokutotosa izingane igcina iphetha ngokusakhela uhlobo lwabantu abadala kusasa abangakwazi sanhlobo ukubhekana nobunjalo bempilo bemi beqinile .

Njengokuba u- Michael Anderson wase  Focus on the Family ekubeka kanje : “Iningi lezingane zethu ,impilo yazo iyoba nzima ngaphezu kobezikucabanga .Futhi kungumsebenzi wethu ukuzenza zikwazi ukuma ziqinile kokuyikho.”

Ungayeki ukumlaya umntwana ngokuba  uma umshaya ngoswazi akayikufa 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.