... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Awu Bandla Ngizidabukela Mina

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 14:20,21 Ompofu uyazondwa nangumakhelwane wakhe,kepha ocebileyo unabaningi abamthandayo.Odelela umakhelwane wakhe uyona,kepha onomusa kwabampofu ubusisiwe.

Listen to the radio broadcast of

Awu Bandla Ngizidabukela Mina


Download audio file

Kungaba ngokuthi ukuphi nempilo njengamanje ,lokhu kusengezwakala kuhlaba,nokho ngizokusho ngoba kuliqiniso.Ngesikhathi sinethezeka kwezomnotho ,kusikhathi sinye lakhona siqala sicabanga ngathi kuphela,esikhundleni sokucabanga nezidingo zabanye abantu.

Izikhathi nezikhathi silokhu siba nokuzizwela sizincesezele  thina.Mhlawumbe izinto azihambi kahle,kumbe uzizwe uphansi.kumbe kusengathi wenzelwe phansi…bese uzwakala uthi ;ewu yeka mina bandla’.Lokhu kuyenzeka kithi sonke. Uzakwethu uye athi isikhathi lakhona abona inhlupheko yempela ngokokuqala yisendaweni ethile ezweni lase -India .Lababantu baphila ebuphofini obungachazeki ,ngangokuthi zivese zehle izinyembezi mawubabona.Uthi uzakwethu yilelo langa afunda ngalo ukuthi buyini ‘ubuphofu’ ngoba sonke lesikhathi wayengazi buyini ingempela.

Angizazi izimo zezimali zakho,angikwazi  okwenzekayo empilweni yakho njengamanje ,angiyazi inhlupheko oqondene nayo njengamanje .Kodwa engikwaziyo ngukuthi uJesu impilo yakhe eningi wayisebenzisa ephila nabampofu.Kahle hle uNkulunkulu unentena unesihe esikhulu ngabampofu ,kusuka ekuqaleni kweZwi laKhe kuze kube sekugcineni ,lokho kucacile.

Izaga 14:20,21 Ompofu uyazondwa nangumakhelwane wakhe,kepha ocebileyo unabaningi abamthandayo.Odelela umakhelwane wakhe uyona,kepha onomusa kwabampofu ubusisiwe.

Yebo ,kwesinye isikhathi nebala siyazidabukela ,kodwa uthole ukuthi cishe  sonke ngamunye singanendlela thizeni engenza kube khona esimnike ucwezu lwesinkwa naye ahlafune ,ongenakho.Sonke ngamunye singaba nayo indlela yokwenza umpheme emindenini thizeni engenamandla ngisho okuthenga isipikili lesi .

 Sonke ngamunye singathola indlela yokuletha induduzo  nesihe kumuntu thizeni oswele nosidingayo ;umuntu  ozwa ubuhlungu bempilo njengamanje

Yiba nomusa nezibele  kwabampofu ,uzobusiswa.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge