... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

INkosi Ethobekile

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Zakhariya 9:9 Thokoza kakhulu ndodakazi yaseSiyoni ;jabula nokujabula ndodakazi yaseJerusalema bheka iNkosi yakho iza kuwe ilungile inensidiso,ithobekile ikhwele imbongolo ,ithole ,inkonyane yembongolokazi .

Nakuba inkululeko akulona igama esivamisa ukuzihlanganisa nalo ngoKhisimusi ,leliphuzu kanye lokuthi liyindikimba yendaba kaKhisimusi .

Ezinsukwini mumva  le ngesikhathi uJesu ezalwa ,abantu bakaNkulunkulu abakhethiweyo ,babenakho konke kodwa  base  bekukhohliwe ukuthi kwakunjani ukubuswa yiNkosi enothando  ezothile . 

Kungenzeka ukuthi kulezinsuku  sikhalaze  siteteme ngohulumeni abasibusayo ,kodwa mumva le u-Israel  wase uneminyaka uphethwe ngondlovukayiphikiswa  ,Ngesikhathi uJesu ezalwa kwabe kusesihlukwini sombuso wamaRoma ,kuphinde kuhlangane nokubuswa nguHerod owabe echachaza phezu kwamakhanda abo umathanda .

Kodwa  kumakhulunyaka aphambilini,umphrofethi uZakhariya wabe ebikezele ngokuza kwenkosi ehlukile : 

Zakhariya  9:9Thokoza kakhulu ndodakazi yaseSiyoni ;jabula nokujabula ndodakazi yaseJerusalema bheka iNkosi yakho iza kuwe ilungile inensidiso,ithobekile ikhwele imbongolo ,ithole ,inkonyane yembongolokazi .

UJesu wabe nebala eyiNkosi ehlukile kakhulu kwa -Israel .WayeyiNkosi enhle ,ethobekile .Akusikho nje kuphela ukuthi wafika kulomhlaba ngestebela esiphansi sezinkomo  eBhethlehema ,kodwa eminyakeni engamashumi amathathu waphinda futhi esebheke ekufeni kwesiphambano  ngenxa yabantu abanjengami nawe ,wagibela imbongolo ephansi – ethobekile .

Futhi uma simenza iNkosi ,enguSomnini wezimpilo zethu  ,esikutholayo sithola inkululeko .Inkululeko ekubusweni   yingcindezelo yesono .Inkululeko emangeni akulelizwe . Inkululeko yokuba sibe yilokhu afuna sibe yikhona ngenxa yokunqoba asizuzela khona .

UJesu iNkosi enhle ,iNkosi ethobekile ,weza ukuzokusindisa akukhulule .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..