... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Inkungu Yemizwa Yenhliziyo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Umshumayeli 3:4 Kunesikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka ,isikhathi sokulula nesikhathi sokusina .

Listen to the radio broadcast of

Inkungu Yemizwa Yenhliziyo


Download audio file

Sewake waba sesimweni lakhona ubuyivuthela ngejubane elihle imoto,ithi isashosholoza ,fuh nakhu usuzithela efwini lezinkungu ezikhasa phansi ? Ulokhu uyincenga kancane kuzo ,kodwa awuboni lutho .Lokho kuyinto ethusanayo.

Kunezikhathi empilweni lakhona imizwa yenhliziyo yethu isimboza njengefu lenkungu .Mhlampe kube nento , eyenzekile ehlasimulisayo  bese usizi lwayo lukwengame,ngangokuthi kuze kungenzeki lutho empilweni . Kumbe kwenzeke into emnandi kakhulu ,uze ugxume kweqe empilweni ungabe usabona lutho olunye empilweni .

Imizwa yenhliziyo inomthelela onamandla kithina.Sonke sinomqondo ,umuzwa wokukhetha ,nemizwa yenhliziyo .Kodwa kwesinye isikhathi ngokuhle noma okubi ,imizwa yenhliziyo yethu ivese  imuke nathi sikhohlwe konke okunye .

Kungihlaba umxhwele ukuthi iZwi likaNkulunkulu iBhayibheli ,linakho konke elingakusho ngokosuku ngalunye  okungemizwa yenhliziyo yethu.

Umshumayeli  3:4 Kunesikhathi sokukhala nesikhathi sokuhleka ,isikhathi sokulula  nesikhathi sokusina .

Noma ngabe kusekukhaleni ,ekuhlekeni ,noma ngabe kusosizini olujululile  kumbe ekugideni ngenjabulo ,imizwa yenhliziyo yethu ingasengama,isimboze enkungwini eyenza kube nzima ukubona phambili .Futhi kulezokhathi  zokuqina kwemizwa yenhliziyo ,sidinga ukwehlisa ijubane kancane ,sithandaze ,sibe noNkulunkulu –ngoba mawuqhubeka ushosholoza ngejubane elifanayo ,ungagcina  uphetha uba sosizini olunzima .

Yebo ,zikhona izikhathi empilweni zakho kokubili ,ukukhala nokuhleka.Kwezinye izinsuku sizithola sisotweni olujulile losizi ,kwezinye siyagida ngenjabulo .Kodwa hlala ukhumbula ,iNkosi yakho ihlale isesihlalweni sobuKhosi .Ungayivumeli imizwa yenhliziyo yakho ikulawule .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.