... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Intaba Engaqwaleki

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 40:28-31 Awazi yini ? Awuzwanga na?UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade,udalile imikhawulo yomhlaba,akapheli mandla ,akakhathali,nakuqondwa kwakhe akunakuphenywa.Nguye omupha oyethileyo amandla ,nakongenamandla uyandis izikhwepha.Izinsizwa ziyaphela amandla zikhathale ,nabasha bawa nokuwa.Kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha ,bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi,bagijime bengakhathali,behambe bengapheli amandla.

Listen to the radio broadcast of

Intaba Engaqwaleki


Download audio file

Kwesinye isikhathi kungezwakala sengathi yonke lento yokomoya ,engoNkulunkulu,engoJesu ingena kamnandi ithi khaxa ebhokisini,kodwa impilo ngokugcwala kwayo wonke amanhlembethwane lawa  nokuningi ,ibukeka ingenakuhleleka okuthule du.Yingakho kungabukeka engathi kunjalo kodwa akusikho lokho  ngokweqiniso.

Ezikhathini eziningi siyavama ukwenganywa yizinto ezibukeka zingenakwenzeka.Kwabanye kuba yizikweletu ezibakhahlamezayo,kwabanye yindlala wukungabi nakhaya,kwabanye ukwesaba  kumbe imishado yabo esilengela eweni ,…noma kungaba yini enye .

Kubukeka kwesinye isikhathi kusengathi impilo iyintaba engenakuqwaleka…..

Kahle hle mangase ngikubuze njengamanje empilweni yakho ukuthi yini eyintaba engaqwaleki kuwe? Nginesiqiniseko unganayo impendulo.Ngakho sihlobo sami kunento engithanda ukukucobelela yona ,into engikholwa ngukuthi uNkulunkulu ufuna ukuyikhuluma kulentaba yakho engaqwaleki ,khona namhlanje…ulalele kahle ,ukwehlise lokhu kuzike ngaphakathi  ngoba yiZwi likaNkulunkulu nebala eliphilayo :

Isaya 40:28-31 Awazi yini ? Awuzwanga na?UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade,udalile imikhawulo yomhlaba,akapheli mandla ,akakhathali,nakuqondwa kwakhe akunakuphenywa.Nguye omupha oyethileyo amandla ,nakongenamandla uyandisa izikhwepha.Izinsizwa ziyaphela amandla zikhathale ,nabasha bawa nokuwa.Kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha ,bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi,bagijime bengakhathali,behambe bengapheli amandla.

Leyonto kanye ebukeka ingenakwenzeka kithi iyintaba engaqwaleki ,yiyo kanye leyo engenzeka kuNkulunkulu .

Awazi yini ? Awuzwanga na?UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade,udalile imikhawulo yomhlaba  

Ngakho,nansi i- homework .Ngicela uzinqumele wena ngokwakho ukuthi lokhu kuliqiniso noma qha .Futhi  iyodwa kuphela indlela ongathola ngayo .Thatha lentaba engaqwaleki uyiyise kuNkulunkulu ,bese uyamcela akusize ,qede ubone kuzokwenzekani. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge