... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Uku-investa Kubantu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseGalathiya 5:13,14 Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni.Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni,kepha khonzanani ngothando.Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi : ‘Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena .’

Listen to the radio broadcast of

Uku-investa Kubantu


Download audio file

Ngifuna uke ucabange ngomuntu oyedwa la emhlabeni okucika kakhulu ,akudide ikhanda kunabo bonke ,ovese akunyusele ushukela.Mbuke esithombeni somqondo.Kulungile ke manje ,ake ngikubuze lokhu : Yikuphi uNkulunkulu akubizela khona namhlanje ukukwenza ukwenzele lowomuntu yedwa nje phaqa?

Kubukeka sengathi kulezinsuku ,bambalwa abantu abahle abakwazi uku -investor empilweni yomunye umuntu .Omunye aqale inhlangano kodwa imenenja ivese ibone ukuthi hhayi kuqinile kunzima kulomuntu ,emva kwalokho usekhishwe ngesango njalo.Kumbe uthole ukuthi inhlangano ide iqhubeka yona ithatha imukela nje kumuntu ozikhandla ngayo ,kodwa yona inga -invest lutho kuyena ,kodwa kube kunguye lomuntu oyenza ishebelezele phezulu.Kubukeka kusengathi yiyona ndlela okuyiyo emhlabeni kulezinsuku.

Kodwa manje uthola ukuthi iNdodana kaNkulunkulu yona iza emhlabeni , bese ihlanganise abafundi abangenalwazi lwezenkolo –abadobi ,abaqoqi bentela –hhayi oso- theology noma ama strategic planner ,emva kwalokho simbona e investor iminyaka emithathu nengxenye kubona .Futhi kwabe kungelula kuloluqeqesho.Babemcika bamcanule kwezinye izikhathi . “ Koze kube nini nginibekezelela sizukulwane esingakholwayo na ?” .Wake wabahloma lowombuzo ngelinye ilanga .

Ukukhuliswa ngokwamandla [Empowerment] yigama leli elivelele kakhulu kwa  management  kulezinsuku ,kodwa inkinga  kuyathukela lenzeka.

Ekaze lomhlaba ubuzobukeka kanjani  mangase sithulule ukuphila kwethu ezimpilweni zabanye abantu ? I

KwabaseGalathiya 5:13,14 Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni.Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni,kepha khonzanani ngothando.Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi : ‘Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena .’

Ubani empilweni yakho ,emndenini wakho/wakini,enhlanganweni noma enkampanini okuyo ,uNkulunkulu akubizela ukuba uthulule ukuphila kwakho kuye u- investe kuye umnike i-empowerment ?  Ngubani ? 

khonzanani ngothando . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge