... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izizinda Zomphefumulo Wakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 1:4,5 Ukuphila kwakukuye, ukuphila kwakungukukhanya kwabantu ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga.

Listen to the radio broadcast of

Izizinda Zomphefumulo Wakho


Download audio file

Uma izinto seziphambana ezimpilweni zethu ,ngiqonde mina uma sezibheke eceleni lokhu kwangempela ,imvamisa umuzwa oshesha ukusifikela ngukusola abanye .Yiphutha elenziwe yibo bonke lababantu ,mhlawumbe ngisho noNkulunkulu naye  ngiyambala kulento ,kodwa cha hhayi mina

Kungenzeke sihlekele phansi kancane ngalokho kube salihlaya ,kodwa siyazi kuliqiniso .Ngenxa yokuthi sesibile kuleyondawo nathi ,iziqubu zilandelana .Uma sizobuka izimo zethu ngeso elisekubandeni  ,esikhathini lakhona kunethunzi kungacacile khona osukwini ,uma singahlaziya izinto ezibandakanyeke ekutheni  izinto zisihambele kabi ,nakanjani simelwe ukufika esiphethwini esithi nathi sibe nengxenye ekutheni kube nalesosimo esingahambanga kahle .

Kodwa inkinga asikwenzi lokho .Sixolela ukuzibeka eceleni.Sixolela ukusola umhlaba wonke ,kunokuthatha iphutha silibeke nathi emahlombe ethu .Futhi ngesikhathi siqhubeka sikwenza lokho ,kusikhathi sinye siphila emnyameni ,kusikhathi sinye umphefumulo wethu ungena ekubeni zisulu ,esikhundleni ngabe siphila impilo egcwele ukunqoba ,noma ngabe kungathiwa umhlaba yini osiphonsela yona . Asifake uJesu :

NgokukaJohane 1:4,5Ukuphila kwakukuye, ukuphila kwakungukukhanya kwabantu  ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga.

Uma siphila emnyameni wokuzikhohlisa  [asikubize singahlonizi ngalo leligama ] into esiyidingayo ngukuba kubekhona ozokhanyisa ukukhanya ebumnyameni .Esikudingayo ngesikhathi impilo yethu igubuzelwe ngudaka lwesono ,yinkululeko eza ngokubona izinto ngokucacile ,njengokokuba zinjalo .

Yingakho uJesu weza ,ayi nje ukuzokhanyisa ukukhanya ebumnyameni laphaya ,kodwa ukuzokhazimulisa ukukhanya kwakhe  ezizindeni ezimnyama zengaphakathi zomphefumulo wethu  ngenxa yenhloso eyodwa ,yebo ngenhloso eyodwa phaqa .Ukusinika ukuphila ,ukuphila kwaKhe ,ekuchichimeni kwakho konke . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..