... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kukhulu Ukuba Khona Ube Seduze Nje

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 Samuweli 1:6-8 Isitha sakhe samncokoloza kakhulu ukuba amthukuthelise ,ngokuba uJehova wayesivalile isizalo sakhe.Kwathi ukuba u –Elkhana enze njalo iminyaka ngeminyaka ,lapho enyukela endlini kaJehova,wamncokoloza kanjalo ,ngalokho wakhala ,akadlanga lutho .Wayesethi u Elkanah umyeni wakhe kuye : “Hana ukhalelani na? awudli ngani ? inhliziyo yakho idabukeleni? Angidluli yini amadodana ayishumi kuwe na?”

Listen to the radio broadcast of

Kukhulu Ukuba Khona Ube Seduze Nje


Download audio file

Uma umuntu ebhekene nobuhlungu ,imveloluntu  [ake ngithi ikakhulukazi kithina madoda ] wukuzama ukulungisa inkinga .Ukuqhamuka nesisombululo  futhi uma kungesiso isisombululo ,nakanjani kuba ngomqondo wokuchaza leyonkinga ukuba igudluke ngokomqondo .Yebo nebala ake ngibuze ukuthi kukusebenzele kangakanani ukwenza njalo ? 

Ngakho nanamhlanje sisaqhubeka nodaba luka Hana  – owesifazane owayengabatholi abantwana  ehlupheka enhliziyweni .Njengokuba namuphi owesifazane oseke waba kuleyonkinga uzokutshela ukuthi ,kwakunobuhlungu bokuzibuza eziphendula ngemvelo yomzimba wakhe  nobuhlungu benhliziyo  obuyisikhala esikhulu esasingavalwa kuphela  yinto eyodwa empilweni yakhe  : ngukuthi agone ingane ezalwa nguye  luqobo .Asingene endabeni yakhe : 

1 Samuweli  1:6-8 Isitha sakhe samncokoloza kakhulu ukuba amthukuthelise ,ngokuba uJehova wayesivalile isizalo sakhe.Kwathi ukuba u –Elkhana enze njalo iminyaka ngeminyaka ,lapho enyukela endlini kaJehova,wamncokoloza kanjalo ,ngalokho wakhala ,akadlanga  lutho .Wayesethi u Elkanah umyeni wakhe kuye : “Hana ukhalelani na? awudli ngani ? inhliziyo yakho idabukeleni?  Angidluli yini amadodana ayishumi kuwe na?”

Izolo sikhulume kabanzi ngo Phenina umnyokolozi owayeyiphela endlebeni ,isinama uqobo .Futhi sibonile ukuthi u Elkhana uzame kanjani ukuthanda uHana ekubo kanye ubuhlungu bakhe .Kodwa nakhu la iqiniso likhona kubakhwenywana  -emadodeni ,izweni kahle le  – wayegeje ngokungananazi . 

“Hana ukhalelani na? awudli ngani ? inhliziyo yakho idabukeleni?  Angidluli yini amadodana ayishumi kuwe na?”

Elkhana uqinisile ngempela lokhu okushoyo ?  Wena lendaba uyibona ingawe? 

Hhayi asicabange kahle madoda ,into yokugcina leyo ubengayidinga ezicabanga kuyiyo esemqoka kulesithombe ,lowomqondo akawubhekile .Kunalokho lowesifazane okulesimo udinga nje ubukhona bakho  hhayi ukuzidumisa ukuthi umkhulu umqoka kanganani kuye . She just needs you to be there. Ukudinga ukhombise uyaqonda isimo akuso .Ukudinga ukuba umvikele  futhi umgone .Yilokho kuphela  okudingeka kuwe . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..