... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Usizo !

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 121:1,2 Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;usizo lwami luvelaphi na? Usizo lwami luvela kuJehova owenzile izulu nomhlaba.

Listen to the radio broadcast of

Usizo !


Download audio file

Sonke  ngabanye  kunezikhathi empilweni ,nezimo kumbe nezobudlelwane   – lakhona esisuke ngokwethu singenamandla  omfutho  ukwedlula kuzona .Futhi kukuzo kanye lezokhathi lakhona,siphuma sicinge usizo .

Okuthi ngesikhathi sihambe sifuna udonga lokubambelela ,sigcina sibambelela kokungeyilo olufanele .Ngike ngakwenza lokho ,nawe futhi sewake wakwenza lokho ….futhi siyazazela ukuthi uma sithole usizo endaweni okungesiyona kuvese kwenze izinto zidlebelende zedlulele kobeziyikhona . 

Yinto kanye le umhubi ayeyazi kahle kakhulu ngamhla ebhala ethi …

Amahubo  121:1,2 Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;usizo lwami luvelaphi na? Usizo lwami luvela kuJehova owenzile izulu nomhlaba.

Lokho nje kukodwa  “Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni”  yinto le sonke esesiyenzile .Sibuka kude le otalagwini ,sizibuza ukuthi ekaze sizodlula kanjani kulesisimo .Kodwa kungaphezu kwalokho .Ezinsukwini zakudala ,izithixo onkulunkulu bokubazwa babehlala emathempelini .Kuphi ? Phezulu eziqongweni zezintaba  nembala .

Asicacise ngalokhu : izithixo emathempelini azo ,zaziwukuzikhohlisa namanje kusewukuzitshela nje ngento engekho uyeze ibe khona .Umhlaba namanje  ubanjwa yisithixo sempumelelo ngokokungathi izokunika konke okudingwa wumphefumulo wakho .Ingani sihlobo sami uma izinto sezishubile ngempela alukho olwalezozinto olusizayo .Uyedwa kuphela osizayo .UJehova ,uMdali weZulu nomhlaba .UNKulunkulu oyedwa oliqiniso osithanda kakhulu owaze wathumela iNdodana yaKhe uJesu ukuzosifela akhokhe inani lezono zethu  qede wavuka ukuze asinike impilo entsha nengunaphakade. 

Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;usizo lwami luvelaphi na? Usizo lwami luvela kuJehova owenzile izulu nomhlaba.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..