... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Labo Abakuphatha Kabi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 12:16 Ukukhathazeka kwesiwula kuyaziwa ngosuku kepha oqondileyo uyasibekela ihlazo .

Listen to the radio broadcast of

Labo Abakuphatha Kabi


Download audio file

Kubukeka sengathi usuku nosuku kuhlale njalo kunomuntu olungele ukukuchukuluza ,akujivaze  –lokho angakwenza busululu kumbe akuqonde ngqo noma afune ukukuphoqa ukuhambisana nomqondo wakhe ngisho ungavumelani nawo . Sewake wakuqaphela lokho ?

Abaningi nakuba kungesibo bonke .Abakupolitiki zinhla zombili bahlale bechukuluzana kuze kube ngokwezinga eligovuza izinhliziyo zomphakathi .

Kodwa lento hle hle ayenzeki nje kwipolitiki kuphela kodwa macala onke empilweni .Emsebenzini ,kwezokusakaza,futhi nje singathi …hle hle yonke indawo .Futhi uma ungumuntu omqondomunye nami ,ukuthola kuphoxana lokhu ,angithi? Ngubani ofuna ukuchukuluzwa ? Ubani ofuna ukugxekwa ngokushisayo ,ngamagama ehla kanzima emphinjeni ? Kuyajivazana kakhulu ! 

Ngakho …nansi inhlakanipho yeZwi likaNkulunkulu ukukusiza ukubhekana nalesosimo : 

Izaga  12:16 Ukukhathazeka kwesiwula kuyaziwa ngosuku kepha oqondileyo uyasibekela ihlazo .

Isilingo ngesikhathi uchukuluzwa ngukuthuka inhlamba nawe usho ukubaqhobozela abakusukelayo ,ukwenze lokhu ngenhloso yokubuyisela isithunzi sakho , ukwenze lokhu ufuna ukuma unganyakaziswa la omi khona . 

Nokho esithola ukuthi ngokwezi likaNkulunkulu kungubuwula ukushesha uphatheke kabi udikibale .Ngakwelinye icala sitshelwa ukuthi abahlakaniphileyo bayakugwema ukuphindisela ngokuchukuluza kwababasukelayo .Kumbe asisho lokhu okwake kwashiwo ngomunye owathi  …

“Kahle hle sisengakwenqaba ukuchukuluzeka .Uma abantu bekuziba ,kumbe bekuphathe ,basuke kahle hle beziveza ukuthi bangobani ingaphakathi labo .Basuke bekutshela ukuthi kunjani ngaphakathi kubo hhayi ukuthi kunjani ngaphakathi kuwe  .Indlela nawe obaphatha ngayo labo abakuphatha kabi iveza izinga lokuthi unjani emizweni yenhliziyo yakho nakwelikamoya .”

Ukukhathazeka kwesiwula kuyaziwa ngosuku kepha oqondileyo uyasibekela ihlazo .[kunetoliko elithi :iziwula zicasuka kalula ].

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.