... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngemibandela Kabani?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 9:4,5 Nakuyiphi indlu eningena kuyo ,hlalani lapho nize nimuke khona .Bonke abanganamukeliyo ,anothi nxa nimuka kulowomuzi nithintithe uthuli ezinyaweni zenu ,kube ngubufakazi ngabo.

Listen to the radio broadcast of

Ngemibandela Kabani?


Download audio file

Intshisekelo yokuguqula uNkulunkulu abe wubumba okulula ukulubumba luhambisane nathi ,leyonto iyisilingo esikhulu kulesizukulwane sanamhlanje esiphila ngokuba wo-mina .Yebo nebala kunezinto ngoNkulunkulu othola ukuthi ngisho AmaKhrestu afisa ukuziziba .

Umcabango wokuthi uJesu   aqhelise umuntu ,kungumcabango lowo  onganambithiseki  akunjalo ? Kumbe uyinto ezwakalayo?

UJesu uthumela abafundi baKhe ,ngababili  ,kwi mission trip .Abakufunda kakhulu la,emva kwalokhu kuqeqeshwa okumnandi behleli noJesu .Ubatshela ukuthi akumele baphathe lutho ,futhi phela kuzomele bazitholele bona bazolalaphi kuloluphumo.

NgokukaLukha  9:4,5  Nakuyiphi indlu eningena kuyo ,hlalani lapho  nize nimuke khona .Bonke abanganamukeliyo ,anothi nxa nimuka kulowomuzi   nithintithe uthuli ezinyaweni zenu ,kube ngubufakazi ngabo.

Manje lokhu akuzwakali kungena kuloluhlobo lukaJesu esinalo ogcwele ubumnene nothando,ukuzwa kungena wena?

Nithintithe uthuli ezinyaweni zenu …kwabe kuluphawu lokuthi labo abenqaba uNkulunkulu nabo bayokunqathswa baliwe nguYe .

Kuyamangaza ukuthi labo abangakholelwa kuNkulunkulu , ngisho nazulu nasihogo ,kodwa bawubone umqondo wokulahlwa nguye esihogweni umqondo ongehli kahle kubo bebe bethi akukho sihogo futhi .

Kungukucabanga okuxakayo lokho  uma ukubuka,kodwa manje siphila kulomhlaba indaba ehlala ingami .La sihlala sitshelwa khona ukuthi konke kumi ngoMina ,kulula ukugcina noNkulunkulu usumbuka ngeso likaMina .

Kodwa manje ake sicacise lokhu.Yebo nebala uyasithanda .Yebo,uyosithethelela ,kodwa kuphela uma sibeka ithemba lethu kuJesu iNdodana yaKhe ;kuphela uma siguqulela ukuphila kwethu sibuyele kuYe.

Yiyona Mibandela kaNkulunkulu leyo. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge