... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuhamba Amandla noJesu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 9:6 Bamuka-ke bahamba imizi ngemizi beshumayela ivangeli,bephulukisa ezindaweni zonke .

Listen to the radio broadcast of

Ukuhamba Amandla noJesu


Download audio file

Kungumuzwa ongelula impela ,uma uJesu esibizela ukwenza into eqhele ngamalengiso emandleni ethu emvelo .Kungaba yinani elikhulu leli ,sijuluke.Ukucabanga umuzwa wokwehluleka.Kodwa uthole ukuthi khona lapho kanye ,sisaqala ukulubeka unyawo ,kunotho afuna silwazi .

Ukuthatha amateku akho uthi ukulula izinyawo unyakazise  umzimba ,kuvelele kulezinsuku.Lomqondo wokunyazisa igazi ukuze ube nezempilo ezinhle ,akuwona umqondo omusha.

Lokhu kuhlabana umxhwele,uJesu wathumela abafundi baKhe abangu 12 ohambweni olwalunamandla,bephuma bengena kumadolobha abawakhele ,beyotshela abantu ngaYe.Babehamba ngezinyawo futhi wabanika izinkombandlela benze njani ,babengamelwe ukuphatha lutho ,bangaphathi kudla ,imali,hhayi ngisho izingubo zokushintsha .

Kodwa uJesu wabanika okwabe kungcono kakhulu  kunakho konke lokho .Wabanika amandla aKhe ,amandla ukukhipha amademoni ,amandla ukuphulukisa  abantu ,amandla ukukhuluma amazwi aKhe ezinhliziyweni zalabobantu.Nebala kwabe kuluhambo lwamandla lolu!

NgokukaLukha 9:6 Bamuka-ke bahamba imizi ngemizi beshumayela ivangeli,bephulukisa ezindaweni zonke .

Lamadoda ayengabanga noJesu isikhathi eside kakhulu.Ayengesibo oso-Theology abakhaliphile baseJerusalema kodwa kwakungabantu abazisebenzelayo,iningi labo  babevele esifundeni  saseGalile.Kodwa baphuma lapho bembathiswe amandla nguJesu ,ukumemezela izindaba ezinhle –futhi kulalele kahle lokhu –baphulukisa  abantu yonke indawo.

Kuyisimanga lokho.Kuyavama ukuthi uJesu asibizele ezintweni  ezingaphezulu kakhulu kwamandla thina esinawo ngokwemvelo futhi imvama esikukhohlwayo ngukuthu ubizo lwaKhe luza namandla .

Kahle hle uma ngibuka izinto emumva ,nanini lakhona engibizela ukwenza into engaphezu kwamandla ami ,akakaze akwenze lokho ngaphandle kokuthi anginike amandla akhe nakho konke engikudingayo –ukwenza ngawo nangakho.

Akukaze nakanye .Ubizo lwaKhe luhlala njalo luza  namandla aKhe . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge