... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuba Ngcono Noma Ukubaba?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KumaHebheru 12:15 Niqaphelisise kungabikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande imbe ebabayo, inixobise, kungcoliswe abaningi yiyo

Listen to the radio broadcast of

Ukuba Ngcono Noma Ukubaba?


Download audio file

Kwesinye isikhathi lelizwe elikuphonsa kithi kungenzeka kusilimaze njengesilonda esilumayo esifakwe usawoti .Kodwa uNkulunkulu ,yebo impela ,ufuna ukulapha lesosilonda .Yebo kwesinye isikhathi ,usengasishiya  nalo inxeba elisiguqulayo empilweni,kodwa nakanjani aselaphe .Kodwa imvamisa abantu abasivumeli isilonda ukuba siphiliswe .Esikhundleni sokuthi babe ngcono bavese baxolele ukubaba njengenhlaba.

Ubunzima bokuzondwa buyinto enamandla ukubumba izinto ezithile empilweni yethu .Indlela yethu yokuzibona inani lethu ,ukuzigqaja kwethu ,lokho esicabanga sinamandla okukwenza ,indlela yethu yokuziphatha ngabanye abantu ….uhla lude kakhulu alupheli.

Futhi sisekukho ukukhuluma ngalezizinto kusemqoka ngoba lomfutho wamandla  obunzima bokuzondwa ,adlala indima enkulu ezimpilweni zethu ,kweyami nakweyakho  – okungukuthi ungasibumbela kokuhle noma kokutshekile kakhulu .Ungasenza sibe ngcono empilweni noma sibe muncu singadleki sanhlobo ngenxa ye bitterness ngaphakathi .

Bangaki abantu obaziyo ,abalimala qede izimpilo zabo zama ,ngenxa yokushoshozelwa yizilonda zezinto esezadlula  ,bona abaqhubeke bahamba nazo zibhibha zinjalo zingapholile .

Kukulesosigaba kanye umusa kaNkulunkulu ungenelela khona,ngoba uJesu –ushilo ngowakhe umlomo ukuthi  -uze ukuzokhulula abathunjwa kumbe iziboshwa  .

Ngakho nanti iqiniso elinamandla ukukusiza ukusiphula lempande ebabayo enhlizyweni yakho okungenzeka   ukuthi yonke leminyaka ububuthwele wehla wenyuka nabo:

KumaHebheru 12:15 Niqaphelisise   kungabikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande imbe ebabayo, inixobise, kungcoliswe abaningi yiyo

Ngqo ngqo  ngokwezibhalo zesiGrekhi kwabe kuqondwe impande uqobo  ebabayo ,futhi phela  uyazazela ukuthi isisho sithi impande ikhiqiza isithelo .Ngakho uma udinga ukusindiswa ekubabeni osekukukinatele eside isikhathi ngento eyenzeka kuwe ,sondela eduze kuNkulunkulu.Zizwele umusa waKhe ,umusa esiwuthola ungasifanele futhi ongenambandela ,ukuba uthelwe kuwe .

UJesu uzile ukuze ubengcono ungabi ngogcwele ukubaba.Umusa ke lowo.

IZwi laKhe liyikhambi elilaphayo eilondeni esophayo nesibhibhayo . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..