... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukufunda Ukuhluleka Ubheke Phambili

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 24:17,18 Ungathokozi ngokuwa kwesitha sakho,nenhliziyo yakho mayingajabuli ngokukhubeka kwaso,funa uJehova akubone kube kubi emehlweni akhe ,asuse intukuthelo yakhe kuso .

Listen to the radio broadcast of

Ukufunda Ukuhluleka Ubheke Phambili


Download audio file

Angicabangi ukhona kithi ovese avuke ekuseni ahlele ukuthi kube nento azoyenza ibe wrong namhlanje .Asithi masivuka embhedeni bese sithi : “konje yiliphi iphutha engizolenza namhlanje?’ Kodwa khona kunjalo akungabazeki ukuthi kwezinye izinsuku sizowenza amaphutha .

Ayikho into ebuhlungu njengokuba senhlanganweni kumbe inkampani  –  noma emndenini – lakhona  umoya wokusolana uyisikompilo lakhona  eliqhwakele.

Makuke nje kwakhona othe phazi wenza iphutha engazelele ,kuvese lapho kuhhahhame wonke umuntu okhona ,ngenxa nje yalelophutha omunye akulo ,kwesinye isikhathi okusuke kungeyena ngisho imbangela yalo – awu sebeyamdikadika njalo .

Lomdlalo wokusolana ungumdlalo omubi kakhulu ukuzibandakanya kuwo .Wehlisa isithunzi salomuntu osolwayo ngisho nathi sonke esiyingxenye       imbala ,ngoba udiliza amandla amanye anawo  uthole ukuthi sekuqhakambiswa leliphutha nje kuphela .Futhi ngaphezu kwalokho ,kucika uNkulunkulu.

Izaga 24:17,18 Ungathokozi ngokuwa kwesitha sakho,nenhliziyo yakho mayingajabuli ngokukhubeka kwaso,funa uJehova akubone kube kubi emehlweni akhe ,asuse intukuthelo yakhe kuso .

Kukhona okungcono okwehlukile .Kwesinye isikhathi kusuke kuyimi obhekene nokuthi ngehlulekile ,kwesinye isikhathi kungaba yi-turn yakho .Kodwa ngesikhathi sesima ukusola kodwa  siqale ukufunda …esiyobe sikwenza ndawonye ngokwenze njalo kungukuthatha isikompilo lokusola qede sifake elithi : “ Uma sizohluleka ,asehluleke sibheke phambili .Asifunde emaphutheni ethu .Asixolise ,sithethelele la kufanele khona ,futhi masihlabele phambili sonke  sindawonye ,singadonselani emgodini.Futhi okungaphezu kwakho konke ,masingenzi ubutha kithina sisodwa ngenxa nje yokuthi omunye wethu wehlulekile”

Kubone qede ungenami ngakho.

Uma uzohluleka ,hluleka ubheke phambili . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..