... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukungena Entweni Ongayazi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KumaHebheru 10:35 Ngakho-ke maningalahli isibindi senu esinomvuzo omkhulu.

Listen to the radio broadcast of

Ukungena Entweni Ongayazi


Download audio file

Esikhathini lakhona sibhekene nezivivinyo zempilo ,asizizwa sinesibindi Uma sizothembeka nje siye sibe nomuzwa wokwesaba nokudideka .Kodwa lokho akuchazi ukuthi asikho isibindi .

Sewake wakuzwa ukubizwa nguNkulunkulu  ekubizela entweni ongayazi?  Uthole ukuthi impilo beyizihambela kahle sonke lesikhathi ….kodwa esikhaleni kwavese kwashintsha ukudla epletini .Ilanga livese lifiphale .Izinto zivese zingasacaci zikhanye ngokwendlela obuzazi ngayo.

Futhi uvese …uthole ukuthi izinto zivese zidlebelende zibe zimbi kakhulu kunakuqala .Mhlampe abantu basho izinto ezimbi ngawe.Mhlawumbe ,njengokuba kuke kwenzeke kwabanye ,ulahlekelwe wumsebenzi kumbe isikhundla esithile ngenxa yokuma kwakho  kuJesu  [lokhu kuyinto eyenzekayo ngaphezu kokuyicabanga ] .

UNkulunkulu unomkhuba omangazayo ,avese sikulo lolotwa lwezimo ,asibizele ukuba singene entweni esingayazi ngempela injani ibhekephi .Mhlawumbe asibizele ukuthanda labo abasikhaphelayo.Mhlawumbe ukuthatha igxathi lokholo entweni entsha ,into esa-risky,into okungathi mawusuka kulokhu okukho ,izinto zingavese zonakale kakhulu ngokubuka .

Umbhali wencwadi  yaMaHebheru ,wayebhala ncimishi ezimweni ezinjalo.Labo ababefunda lencwadi babekade bebhekane nezikhathi ezishisayo .

Futhi ukubakhuthaza kulezokhathi ezinzima ,usho lokhu:

KumaHebheru 10:35 Ngakho-ke maningalahli isibindi senu esinomvuzo omkhulu.

Isibindi siyinto ehlabana umxhwele . Ake ukucabange lokho .Yinto le ,oyidinga kuphela esikhathini lakhona wesaba.Angithi sihlobo sami sewake waba sezimweni ezimbi phambilini.Wama  wamhlonipha uNkulunkulu kuzo zishisa zinjalo.Ngokwenza lokho ,wawukhombisa ukuthi nebala isibindi sikhona kuwe ngaphakathi ,ngisho kungathiwa njengamanje sinjengento ongayizwa ukuthi ikhona kwakhona ngokwenkilakayitheka yenkanankana obhekene nayo .

Ngakho-ke maningalahli isibindi senu enibe naso phambilini .

UNkulunkulu uze  kuwe ukuzokunika isibindi saKhe namandla aKhe ngoMoya waKhe Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..